Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Khomo

Abantu bakwaKhomo balulibo lunye nabakwaSibiya.Uma ubabuza ukuthi bahlangana kanjani nabakwaSibiya uthola izimpendulo ezahlukahlukene.Kodwa bona bayavuma ukuthi bayizihlobo ezingaganiselani nhlobo.Umlando othinta abesibongo sakwaKhomo uqinisa khona impela ukuthi bangabakwaSibiya. Kuthiwa uKhomo lona... qhubeka ufunde »

Shiba

Abantu bakwaShibe kusengabantu bakwaMkhwanazi ,ingakho ezithakazelweni zabo ozothola izithakazelo ezithi Ndonga , Sontuyi  njalo njalo Uma bebuzwa ukuthi wavela kanjani lo Shiba bathi ngenxa yezimpi abantu abakwaShiba babalekela abakwaMngomezulu baya baqonda eSwazini . Sengathi isikhalo sabo es... qhubeka ufunde »

Ximba

Abantu bakwaXimba Mlaba  baphuma kuNyawo . UNyawo wayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango,agcina-ke esedube ikhaya.Ngokwezigaba zabeNguni bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu kodwa -ke lokho kwenziwa ukuthi ngesikhathi  sezimpi kunengxeny... qhubeka ufunde »

Mathe

Abantu bakwaNcanana Mathe bangamaThonga Nguni ngokwezigaba zabenguni . Laba bantu bakwaNcanana baqhamuka enhlanezwe .Kodwa lapha sibathola sebezinze eSwazini .Ngaleso sikhathi amaSwazi ayephethwe inkosi uSobhuza wokuqala .Abantu bakwaNcanana babuye babizwe ngokuthi bangabakwaMathe , noma bangaMaphim... qhubeka ufunde »

Mbambo

ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo. Kuthiwa uMbambo lona waye... qhubeka ufunde »

Thwala

Kubhala u-Mthabisi Mtha Ncube : Isibongo sakwaThwala singesinye sezibongo ezidume kakhulu eSwazini futhi umlando wabo unothile .Abantu babamba elikhulu iqhaza  ngeskhathi sokwakhiwa kombuso wenkosi  uSobhuza wokuqala. Ingwenyama ebusa manje eSwazini uMakhosetive(Mswati 3), izalwa ngumaThwa... qhubeka ufunde »

Gumbi

Abantu bakwaGumbi kusengabantu bakwaJele , lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabeNguni .Ngesikhathi elakwaZulu liphethwe inkosi u-Senzangakhona kaJama umuntu owayebusa abantu bakwaJele nguZwangendaba kaZiguda , owayebuye abe ngumholi noma ngithi induna yebutho lenkosi uZwide elalazi... qhubeka ufunde »

Maphanga

Abantu bakwaMaphanga kusengabantu bakwaQwabe . Bazalwa inkosi u-Phakathwayo kaKhondlo inkosi yabakwaQwabe . OkaMnguni kaYeyeye wayakhe ngaphesheya koMhlathuze kuye kufike oThukela. Umuzi wakhe wawusesiphethwini seMatigulu. Igama lalowo muzi kwakuthiwa kuseMthandeni .Sizokhumbula phela ukuthi ngesikh... qhubeka ufunde »

Magubane

Abantu bakwaMagubane ngabeSuthu,badabuka e-Freestate.Kunentaba ebizwa ngokuthi yiMakubane ,ngasenyakatho-Mpumalanga yeNtabazwe [Harrismith]. Akwaziwa-ke noma lentaba yaqanjwa ngoMagubane noma yena waqanjwa ngayo intaba. Kungenzeka-ke ukuthi isibongo sakwaMagubane sisuselwa kuyo lentaba i-Makubane.Ku... qhubeka ufunde »

Mndaba

Abantu bakwaMndaba baphuma kubantu bakwaMthethwa,okusho ukuthi bangamaLala-Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaMthethwa . KwaMthethwa baphuma endlini yenkosi u-Dingiswayo kaJobe. Indodakazi yenkosi u-Dingiswayo ogama layo kwabe kunguSomamase yakhuleliswa ngumnewabo okwabe kunguNdlovu kaDingi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!