Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Incazelo ngoMnenke kanye neGobolondo lawo  (Snail shell \Gastropod shell)

Nina abeMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise!UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi!UZulu laduma obala lapho kungeMunga kuMtholo! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu!ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCesthwayo ka Mpande.Nina... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkawu  ( Vervet Monkey)

Enhla nasezansi ngiyababingelela abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!! #ISilo sakithi oSuthu leso ! ISilo uDinuzulu kaCetshwayo .  Ngethemba basaphila abe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSiphikeleli  (African Pygmy Kingfisher)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka les... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKhathibesonga   (INjambi)

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa  yimihlambi yezinyamazane! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! #ISilo uMpande leso.ISilo sak... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtshe  ( Ostrich )

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa emaZulwini! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona … Enhla ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkonjane  (Barn Swallow)

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza.. Nina beSilo le nyoni eniyibonayo kuthiwa yi-Nkonjane igama layo lesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Barn Swallow , ziningi nokho izinhlobo zezin... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoManyazini  ( Potassium permanganate )

Incazelo ngoManyazini Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani. USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abeZindlu nabezindlwana abeziNdlu bayikhexa imilomo. UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana.UMagalela agase njengenkosi yamaNtshali ngoba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkonkoni    (Wildebeest)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebane! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo sakithi oNdini leso, iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla naseza... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMfingo   ( Stangeria eriopus )

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqeda umuzi ngokunkenkeza! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda a... qhubeka ufunde »

Post

Incazelo ngeBhubesi  (IMbube , iNgonyama, Lion)

Nina abeBhubesi lakithi kwaKhethomthandayo elabubula ePrincess Magogo KwaMashu lawathela amathonsi eSilimela! Zancibilika izinyembezi zikaReggie ezalwa kwaHadebe ! Nina abeNtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu , uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!! #ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokomban... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!