Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalamande kwabamhlophe abeLungu, iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe -kwabhej’iNdulinde -kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso ! ISilo uCetshwayo ka Mpande. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgaba... qhubeka ufunde »
Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo -thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila, sisaphila thina eMantung... qhubeka ufunde »
Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo , uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? #ISilo sakithi oSuthu leso! ISilo uDinuzulu ka Cetshwayo. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMondi igama lawo , lelo gama lisuselwa kwelesiLungu elithi Mondi Whitei . Lo muthi... qhubeka ufunde »
Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ,... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSiduli (Ant Hill) Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!ISilo uMpande leso,iSilo sakithi kwaNodwengu.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade.Ngethemba basaphila abeSilo.Thina ... qhubeka ufunde »
Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwana lwakithi kwaBulawoyo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka gaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu... qhubeka ufunde »
Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithomben... qhubeka ufunde »
Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba isaphila yonke iNgabade .... qhubeka ufunde »
Nina abeSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! #ISilo uDinuzulu leso ! ISilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, sisaphila thina ... qhubeka ufunde »
Nina beMbube enamandla abantu bakithi babenezindlela zokuzivikela ekushayweni ngumphezulu, bengakafiki abelungu nezikhonkwane zabo ezinde zikagesi . Kwakunezinyanga okwakuthiwa ezezulu .[izinyanga zezulu ezinjengoMphazima kaLanga wakwaNkosi Mntungwa ] Lezo zinyanga zazingongoti ekubetheleni izulu. U... qhubeka ufunde »