Incazelo ngeBhubesi  (IMbube , iNgonyama, Lion)

Nina abeBhubesi lakithi kwaKhethomthandayo elabubula ePrincess Magogo KwaMashu lawathela amathonsi eSilimela! Zancibilika izinyembezi zikaReggie ezalwa kwaHadebe ! Nina abeNtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu , uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!! #ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane.. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo siyalazi sonke iBhubesi , elibuye libizwe ngokuthi yi-Mbube , noma yi-Ngonyama. Laziwa kakhulu ngokuthi liyi_King of the Jungle” okuhumusheka ngokuthi “Inkosi yaseNdle” . Kukholelwa ekutheni iBhubesi yiyona nkosi yazo zonke izilwane zaseNdle -ngisho noGatsheni (Elephant) imbala kuthiwa bayakhothama la!! Kuyileso sizathu phela amaKhosi amakhulu ebizwa ngeMbube noma ngeNgonyama okungamanye amagama eBhubesi . IBhubesi lihloshwa ngabaSuthu kanye nabaTswana abazibiza ngokuthi bangabaTaung .Kukhona neDolobha iTaung ngaseNorth West elaqanjwa ngaso iSizwe saBataung . Ngesikhathi sokubusa kweLembe aBataung babebuswa yiNkosi yabo uKgosi Moletsane owabe ezinze khona lapho sekwakhiwa khona iDolobha laseTaung namuhla. Lo Mfoka Motaung ubizwa ngeLion ngesiNgisi. Kunezinhlobo nhlobo zamaBhubesi nina beSilo , esingabala kuzo uhlobo olubizwa ngeBarbary lion , iTransvaal lion , iPanthera leo fossil , Panthera leo leo , Cape Lion njalo njalo .

IBhubesi kwezaMakhathakhatha:

Nina beSilo eNdulo kuthiwa iBhubesi lalingasali uma kuthakwa iNduku yokuqinisa iNkosi , iqinela iSithunzi nokusabeka nje , ngoba phela eNdulo kwakungafanele iNkosi yedeleleke ibe yiNdojeyana . Nanamuhla iBhubesi lisahamba phambili kwezeSithunzi .Kusebenza amafutha noma isikhwehlela salo iBhubesi. Kuye kuthakwe eNdukwini eyinsizi  efakwa egazini(ngokugcaba) .. Amafutha eBhubesi ayangena futhi nakwezokubethela , ukuqinisa umuzi . Umchamo weBhubesi ungena eNdukwini elapha umuntu osebangwa nezibi , osegulela ukufa. Izizwe eziningi ziyalihlonipha iBhubesi kangangokuthi eNdulo  amakhosi azo ayeze ayalele ukuba atshalwe ngeSikhumba salo uma esekhotheme. Kuthiwa neSilo uMpande ngenkathi sisovala uMkhuba wokwendlalela  naso sayalela iziNduna zaso ukuba uma sesikhotheme sifuna umzimba waso wendlalelwe ngesikhumba seBhubesi elidala, hhayi ukuthi kubulawe umuntu . Amanye amakhosi ayevunula ngalo iBhubesi, amanye asavunula ngalo..


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu …

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo