Incazelo ngoMuzi   (uMhlahlo, Cyperus textilis , Emezi grass)

UMuzi

Nina abakaZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebane! UNonzila kudla kwamagwala , amagwala adl’ububende!! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa “uMuzi” igama layo lesiZulu,okuyigama elisuselwa kwelesiNgisi elithi “Emezi Grass”.Ubuye waziwe ngokuthi yiMfe yeXoxo . UMuzi  kwelukwa ngawo amacansi , kubuye kwenziwe ngawo oBhasikidi , amaQoma iziMbenge kanye nokunye . Zintathu izincazelo zegama elithi ‘uMuzi “ . Kukhona “uMuzi” esiwaziyo sonke obuye ube yikhaya labantu , bese kuba khona yona le nhlobo yotshani emila ngaseMfuleni noma emaXhaphozini phecelezi Wetlands. Bese kuba khona ibadlana elincane elimnyama elivela emzimbeni noma esikhumbeni somuntu , lelo badlana nalo libizwa ngokuthi u”Muzi” . UMuzi bizwa nge Cyperus textilis ngoLimi loSosayensi. NgesiNgisi ubizwa ngeEmezi Grass, noma Basket Grass.  AmaBhunu awubiza nge Matjiesgoed..

Wenzani uMuzi?

UMuzi kulukwa ngawo amaCansi , baye bawusike kahle , bawomise ukuze ukulungele ukweluka amaCansi . Uma usukulungele ukweluka amaCansi baye bawubize ngokuthi yi-Ngcobosi. Kubuye kwakhiwe ngawo neMpahla efana noBhasikidi, amaQoma , iziMbenge kanye nokunye. *Nina beSilo lo muthi uvamise ukumila eduze namanzi noma ngaphakathi impela emanzini. Uye ube mandla kakhulu -ke lowo omile emanzini ***Impande yawo yinhle kakhulu kwezokubhula. Muhle eMibhemisweni yokubhula kanye nasemaGobongweni .Muhle ekuvuleni iSangoma ebesesivalekile singasakwazi ukushaya emhlolweni.Muhle nasekwenzeni izingcabo zokubhula. Kahle -hle umuthi weZangoma lona , ziwubiza ngokuthi uMhlahlo ngenxa yobuhle bawo ekuvuleni iSangoma . Ukhona omunye uMhlahlo oyiSihlahla esikhulu.. UMuzi muhle nasekukhuphuleni iDlozi laseManzini , iNzuza kanye namanye amaDlozi aseManzini. Uyangena nasemaGobongweni okuvulwa ngawo iSangoma , kuyaphalazwa ngawo kubuye kugezwe . Muhle nasekugezeni amabhadi . Uyasikhipha futhi nesilwane . Muhle nasekuvaleni izibhobo.


Khumu!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu….

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo