Incazelo ngoMvithi  ( Boscia albitrunca, iNyokiziphinda , Shepherd’s Tree)

UMvithi (iNyokiziphinda)

Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni . *Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMvithi igama layo lesiZulu , bayiteketisa ngokuthi yiNyokiziphinda. NgesiNgisi kuthiwa yi-Shepherd ‘s Tree. OSosayensi bayibiza ngeBoscia albitrunca. Ka se Tswana bare ke Motlopi . AmaBhunu ayibiza ngeGrootwitgat.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo uMvithi unguManqoba njengoba sazi ukuthi “ukuvithiza “ kusho ukwehlula noma ukunqoba ngamalengiso uqothe iMbokodo nesisekelo. Impande eqatha yale Nduku iyangena entelezini  nasezinsizini ezithandwa Ziqhwaga zempi. Iyangena futhi le Nduku ekunqobeni ukugadlwa yizitha ezigadla ngezulu, iyabethela le Nduku. Uyathakwa kancane ekuqiniseni izinhlanzi ezenza isithunzi eNdodeni, eNsizweni. Uyangena futhi uMvithi emithini yokunqoba icala eNkantolo noma eNduneni , noma emsebenzini. Lo muthi unempande eqatha futhi ende ukwedlula yonke imithi , ngisho oGumtree imbala. Ngisho nokumila kwembewu yawo kudinga ukuthi le Mbewu igwinywe yiMvu kuqala ukuze ikulungele ukumila kahle emhlabathini. Yingakho ungena ekubetheleni ngisho nasekulumbeni imbala. Impande yale Nduku iyashiswa futhi nasemnyango ukuvimba uMphezulu(umbane) . Uyangena futhi uMvithi ezinsizini zokuqina , uba mandla uma kuleyo nsizi uma kuthakwe nenyongo yenkunzi emnyama. Le nsizi yinhle nasekuvimbeni amaphupho amabi adala izibhobo emzimbeni . Kuthiwa kudala kwakuthi uma lalomisile kwakugaywa impande yoMvithi kwenziwe umcaba oyodliwa namasi. Amacembe oMvithi mahle kakhulu kwisilwane esiphethwe yihlo, kuye kugxotshwe amacembe ebese ethelwa kancane amanzi afudumele , bese kunconsiselwa ehlweni eligulayo lenkomo noma elembuzi ..


Khumu!

Niphile nina beSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa…

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo