Incazelo ngeNkonkoni    (Wildebeest)

INkonkoni

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebane! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo sakithi oNdini leso, iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Nina beSilo lesi silwane enisibonayo kuthiwa yiNkonkoni igama laso . NgesiNgisi kuthiwa yiWildebeest. Kunomehluko phakathi kweNkonkoni neMbuduma\iMbuthuma. IMbuduma ibizwa ngeBlack Wildebeest ngesiNgisi, yiyona okuthakazelwa ngayo abantu bakwaMabhena . Ukumisa kweMbuduma nokweNkonkoni akufani.. Kuthiwa inyama yeMbuduma imnandi kabi . Zombili lezi zilwane iNkonkoni neMbuduma ziyatholakala lapha eNingizimu Afrika. INkonkoni iyisilwane esixube izilwane eziningi ngoba umhlane wayo unomhlwenga njengoweHhashi,nomsila weNkonkoni ufana noweHhashi,  kanti amadlebe namanqina kufana nokwenkomo. Kuthiwa iNkonkoni ingesinye sezilwane ezithanda kakhulu ucansi,  noma ngithi ukukhwela. Ikakhulukazi iDuna leNkonkoni .Kuthiwa uma seliqhanyelwe kahle likhwela lize likhwele namanye amaDuna , liwufake phakathi kwemilenze . Kuyileso sizathu abantu besilisa abathandana nabanye abesilisa bebizwa ngeziNkonkoni.

Yenzani-ke iNkonkoni kwezokwelapha?

INkonkoni kuthiwa iyakwazi  ukuzwa (sense) ingozi uma izoqhamuka.Kuthiwa izwa ngomsila wayo . Iyakwazi ukuzwa izilwane eziyingozi uma zizohlasela , izilwane ezifana namaBhubesi , iziNgwe kanye nezinye. Izwa ngawo umsila . Kuyileso sizathu iZangoma zakudala zazisebenzisa iShoba leNkonkoni uma zazibhula , noma uma zazixosha imimoya emibi. INkonkoni iyisilwane esinamandla kakhulu kangangokuthi uma ithe yabhekena nesilwane esiyingozi njengeMamba , iMamba ivele ingenwe yitwetwe ibaleke iyocasha emgodini. Kuno Mlungu owake wazifuya eNcome , zihlala nezinkomo enkanjini.Izinkomo zavele zavaleka ukubona okwakhomba khona ukuthi iziNkonkoni zinamandla kakhulu ekuboneni. Ubuchopho beNkonkoni bungena eMibhemisweni yokubhula yeZangoba . Amathambo eNkonkoni angena eMabuthweni nasezintweni zokudonsa. IShoba le Nkonkoni lihle kabi ekubhuleni kanye nasephebezeni omoya ababi.


Khumu!!

Niphile nina beSilo sakithi oNdini uKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu!! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ……………………

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo