Nina abeSilo sakithi oSuthu uDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yeLanga! USilwanankunzimbili!UMagalela agase njengenkosi yaMansthali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu. INkosi yeNsizwa! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi angiyibingelel... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSende leNja Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana.Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade.Ngethemba isaphila. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo .Isende lenja umuthi cishe esiwaziyo sonke.Isimila esimila kuzo zonke nje... qhubeka ufunde »
UZamlandela (Mothballs) Nina abakaLanga lisehlule madoda sesingaMavikithi.INkayishana enkulu ka Menzi ephuza uMlaza ngameva.ISilo sakithi kwaDlamahlahla leso, iSilo uSolomon ka Dinuzulu ka Cetshwayo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila abeSilo. Lezigaqana zamabhola... qhubeka ufunde »
Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini!! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni , yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INzima ewukwena koMkhumbane , khona kwena kungafakwa lunyawo!! #ISilo sakithi eMg... qhubeka ufunde »
Nina abeZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela!##ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande... qhubeka ufunde »
Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, uSongobese wamakhanda inkomo yanganene iyakuthengana nayiphi na eNenekazi ? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni. UQonsi UQonsi wumuthi omuhle ekuloleni imbazo ebuthuntu kowesilisa. Lo muthi umandla kakhulu kangangokuthi us... qhubeka ufunde »
Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela! ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla eziNkwazini zoThukeka! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama !!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ... qhubeka ufunde »
Nina abakaMkhumbi gudluka sibone aMgumgedlela ! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani-lokhu sasiyokwenza amaGudu okubhema!UNongqayiza bayakuthibela , uthitshelwe nguMalimade , uthitshelwe ngabamhlophe abeLungu! UMgwazi kaqaqi uqaqelwa zinyoni!!#ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSibabuli (Sulphur powder) Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethemthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili. INtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana. USihlangu simagqama sinamanxeba.ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane . Enhla ... qhubeka ufunde »
Nina aboVemvane luka Phunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! INdiha lebabayo enjengeSibhah... qhubeka ufunde »