Nina abeSilo sakithi KwaDukuza uHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasinini bengoma! Inkomo eyakhala eMthonjaneni iZizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo uShaka leso , iSilo ... qhubeka ufunde »
Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo, uMashikizela ashiye iMpi yakhe, iNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila ab... qhubeka ufunde »
Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!! #ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdloko... qhubeka ufunde »
Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula, yizona eziyosala zibalilela emanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane ka S... qhubeka ufunde »
Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! INdiha le babayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UMakhonjwa ngendololwane konje iminwe iyokhomba abanjani? USingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso! ISilo uDingan... qhubeka ufunde »
Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni!! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!!#ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane kaSenzangakhona….. Nina be... qhubeka ufunde »
Nina beSilo sakithi oSuthu uCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! UMkhumbi gudluka sibone amaMgumgedlela!#ISilo sakithi oSothu leso iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo .... qhubeka ufunde »
Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini , uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela !#ISilo sakithi kwaNodwengu leso ... qhubeka ufunde »
Nina abeZulu eliphezulu ,nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZitho zimagwegwe ngokugwegwa abakaYise ! #Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu .Cha, thina sisaphila eMantungweni. ... qhubeka ufunde »
Nina aboKhozi lwakithi lwakithi eMakheni olunzipho zinde zinguMjongolo! Luhlezi laph’eMnduzini, luqaph’imizi yamadoda ukweluka!#Inkosi yakithi eMakheni leyo inkosi uMageba ka Zulu! #Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina eMantung... qhubeka ufunde »