Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Incazelo ngoKalimuzi\Kalmoes\Acorus Calamus\Sweet flag:

  Nina abakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane !Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade, ngethemba ukuthi basaphila abeZulu eliphezulu. UMntungwa lona kuwu mhla weshumi nane ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeKhathazo (iQwili\Larger tinsel flower\Giant alepidea\Lesoko)

Nina abakaMashikizela ashiy’impi yakhe uMbombosh’omnyama uMgabadeli owagadala inkundla yakwaBulawayo. UVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoXamu (Water Monitor Lizard\Nile Monitor Lizard:

  Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana. Enhla nasezansi ngayayibingelela yonke iNgabade kuwumhla weShumi nambili kuNdasa onyakeni ka 2023, ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha , sisaphila thina... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvuthwamini(Carthium inerme, Gewone bokdrok,uDlozi labeZizwe)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe ! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! UMvuthwamini: Nina abeSilo lo muthi eniwubona esithombeni esi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlala (Strychnos spinosa)

Incazelo ngoMhlala  (Strychnos spinosa)  Nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyaDambuza ka Ntombela !Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise kho... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNyawothi \uNyaluthi \Nyalothi\Manna\ Leotsa\Pearl Millet.

Nina abakaNyawothi omnyama uNofukuthwayo , iNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela abanxeba okuluphala! USongobese wamakhanda inkomo yanganene iyakuthengana nayiphi na enenekazi ? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni!Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi kuwu mhla weshumi k... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeDolo le Nkonyane \Rumex lanceolatus\Potaka leleme:

Incazelo ngeDolo le Nkonyane \Rumex lanceolatus\Potaka leleme: Nina abaSihlangu simagqabha sinamanxeba uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu. UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadade , ngethemba ba... qhubeka ufunde »

Izihlahla okungafaneke zitshalwe ekhaya:

Izihlahla ezingatshalwa ekhaya:   Nina abeNkonyan’encane ka Ndaba edid’imibala , uSihlangu simagqabha sinamanxeba! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu. Ziningi izinkolelo esizweni esinsundu, ezinye zalezo zinkolelo “izihlahla okungafanele zitshalwe ekhaya, noma ezingafunek... qhubeka ufunde »

Incazelo ngentelezi uGebeleweni \Phipsalis baccifera :

Incazelo ngentelezi uGebeleweni \Phipsalis baccifera : Nina beNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyamazane iMpofu\Eland

Incazelo ngeNyamazane iMpofu\Eland   Nina beSilo sakithi kwaNodwengu. UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni. NgeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Ngiyayibingelela i... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!