Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Incazelo ngoMgogiwezinhlanya\uMazwenda\Dwaba-berry \Dwababessie\Monanthotaxis caffra :

Nina abeSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! uSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwumhla wesibili kuMbasa onyakeni ka2023. Ngethemba basaphila abeSilo, cha thina eMantun... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBangalala\Eriosema distinctum\Scarlet Eriosema distinnctum:

  Nina bakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo sakithi oSuthu. Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu! Cha, thina sisaphila eMantungweni kuwumhla wesibili kuMbasa onyakeni ka 2023. Nalo-ke uBangalala nina beSilo . Le Nduku iwum... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMpikayiboni \Cephalaria humilis:

  Nina abakaGawu bazawuliluma bawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibakelela! INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwu mhla wamashumi amathathu nanye kuNdasa , onyakeni... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMlomomnandi\Liquorice\Glycyrrhiza glabra:

Nina abakaMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele ,uNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha iSibhamu sinjengezabeSuthu bakoFebane! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwumhlaka wamashumi amathathu kuNdasa onyakeni ka 2023. Ngethemba bayaph... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnyamathi \uMathunzentaba\Cape Ash\Ekebergia capensis:

  Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi , uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele! UNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphath’iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemb... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMpinda\iMpindamshaye\Slangklimop\IMfulwa\Snake climber\Adenia gummifera:

  Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! USingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, th... qhubeka ufunde »

Ukudla kwaseMasimini:

Nina beMbube enamandla ake sibheke ukudla noma izitshalo zasemasimini.Ziningi izilimo ezitshalwa emasimini , iningi lazo zitshalelwe ukudliwa njengokudla kwamihla yonke. Kanti zikhona nokho ezitshalelwa umsebenzi owehlukile , njengokuphisa utshwala . Okunye esingakuphawula wukuthi zikhona izitshalo ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoChakide\Galerella sanguinea\Slender Mongoose:

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha  liyawugalela ngawo eMankenganeni! UMkhwamude owangisika isilevu , uSungulo olude lwangithunga impumulo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhla wamashumi amabuli nane kuNdasa onyakeni ... qhubeka ufunde »

Izilwane zaseNdle ezidla ezinye izilwane{Carnivores}

  Nina beSilo ake sibheke izilwane zaseNdle ezidla ezinye izilwane , phecelezi ama-Carnivores. Sizoqala ngalezi ezibizwa ngama-Kati \oMangove baseNdle, phecelezi Wild Cats. Lezi zilwane zibandakanya amaBhubesi , iziNgwe, iziNgulule, ama-Thayiga njalo njalo. Iningi zazo ziyakwazi nokukhwela emth... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZililo\uNozililo\Huernia hystrix\Stapelia gigantea:

  Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi ! UMudli wenguyazana eyedwa kwaNolele! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba abeSilo basaphila kungumhla wamashumi amabili kuNdasa onyakeni ka2023 . Cha... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!