Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Incazelo ngoNukani igxolo{BlackStinkwood}

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijyeze abasini beNgoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVukakwabafile\uMazifisa\Ressurrection Plant\ Myrothamnus flabellifolius .

  Nina abeGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi kungumhla wokuqala kuNhlaka{uMeyi} onyakeni ka 2023. Ngethemba nisaphila nina beSilo, cha eMantungweni  s... qhubeka ufunde »

Incazelo Nhlalayenzeka\uTshanibezwe\Dianthus mooiensis

    Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UZulu lizayo khwezani  abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngethemba nisaphila... qhubeka ufunde »

UMnukelambiba (Clausenia anisate,Horsewood,Munukha-vhaloi)

  Incazelo ngoMnukelambiba Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi,uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele.UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose.UNgalo zimqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane.Enhla nasezansi ngiyazibingelela ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhoma\Whale..

  Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadade , ngethemba basaphila abeSi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNqe (iZwangomoya\IDlanga\Vulture )

Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodongva kwaBhekuzulu , uNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wamashumi amabili nesishiyagalo mb... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaguqu (Maesa lanceolata)

  Incazelo ngoMaguqu  Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu.UVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.Enhla nasezansi ngethemba zisaphila iziNgabade.Le nduku eniy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBulawu iNingizimu.

  Nina abaka Klebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UHlanya olusemehlweni amadoda, uNomakhwelo iNgonyama! Enhla nasezansi ngiy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNgibonisele

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezan’abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! IGwija likaMdlaka ligwegwe lij... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

  Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!