Nina abakaMashikizela ashiye impi yakhe uMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo! USiziba sinzonzo sinzonzobele siminzise umuntu esathi uyageza washona waze washona nangeSicoco sakhe! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayibingelela... qhubeka ufunde »
Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqeda umuzi ngokunkenkeza!!! Nina beSilo le Nduku angilazi igama layo , sakhula oBaba beyibiza ngeNtelezi. Ngithe uma ngibuza ekhasini leNdabuko Yakho kuFacebook izinsizwa ziphendule ngokuthi le Nduku ibizwa... qhubeka ufunde »
Nina abakaMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo uSela lintongande lawo Baleka lithabath’uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili kuMeyi (Nhlaka) onyakeni ka 2023 . Ngethemba b... qhubeka ufunde »
Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimande kwabamhlophe abeLungu , uKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane abanye amakhaba emila izixelelegu! IMamba yeVuna eth’ukuvuka yadla abakaYise! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , kungu mhla wamashumi amabili kuNhlaka (Meyi) o... qhubeka ufunde »
Nina abaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UTeku lwabafazi bakwaNomgabhi betekula behlezi eMlovini bethi uShaka kayikubusa kayikuba nkosi kanti yilapho ayokunethezeka khona. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nesikh... qhubeka ufunde »
Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya, iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu mhla weshumi nesikhombisa kuMeyi(Nhla... qhubeka ufunde »
Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili,uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu mhla weshumi nanhlanu kuNhlaka {Meyi} onyakeni ka 2023. Ngethemba basaphila abeSilo , cha thina sisaphila eMantung... qhubeka ufunde »
Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba, uKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu mhla wesikhombisa kuEphreli [Mbasa], ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila... qhubeka ufunde »
Nina abeNgondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba, uKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina beSilo kungumhla wesithupha kuMeyi {Nhlaka} onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeNdlovu enamandla , cha thina sisap... qhubeka ufunde »
Nina abeSilo sakithi eNaleni uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili , uFulathela uBombo lwabhidlika ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kulo lonke eleNdlovukazi , ngethemba basaphila abeSilo , cha thina... qhubeka ufunde »