Incazelo ngoMlahleni usefile(uPhephelelangeni, Curtisia dentata)

 

Nina abaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UTeku lwabafazi bakwaNomgabhi betekula behlezi eMlovini bethi uShaka kayikubusa kayikuba nkosi kanti yilapho ayokunethezeka khona.  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nesikhombisa kuNhlaka(Meyi) onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeSilo, cha . thina sisaphila eMantungweni.

UMlahleni sefile , noma uPhephelelangeni.

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMlahleni usefile igama lawo lesiZulu, ubuye waziwe ngoPhephelelangeni. Umuthi omuhle kakhulu kwezokhuni lona , endulo kwakwenziwa ngawo izingqoko, izigqiki , izinkezo kanye nenye impahla yokhuni.  Lona ngumuthi ungena kakhulu ezimbizeni zabantu asebebangwa nezibi, ikakhulukazi izimbiza zesisu esihamba nesihudo segazi. Kusebenza ixolo kulo muthi. Lishisa izilonda ngaphakathi esiswini , izilonda ezibangela isihudo segazi.  UMlahleni ubuye uphalaze uphinde uchathele khona ukwelapha isisu esikhipha igazi. Lo muthi ubuye ungene nakwezemizwa , kubo bobubili ubulili. Wenza uBhoko lwesisu luqine lungawi kalula , kuyileso sizathu izinsizwa ziwuhasha ngokuthi uwu”Nkunzik’uthwalitshe”. UMhlahleni muhle nakoMame , uyangena ezimbizeni zemizwa yoMame, imizwa yocansi. Ushisa izilonda esinyeni ukhiphe amanzi angcolile ngokushibingisa . UMlahleni uyanhgena ezintelezi zokugeza izichitho .Izintelezi zokusikhipha isichitho. Uye uthakwe neminye imithi yesichitho. Kanti nabo futhi  abathakathi bayawuthaka uma  bekhanda isichitho. Ikakhulukazi isichitho sesithunzela , isichitho esenza umuntu abonakale sengathi ungumuntu okade wedlula emhlabeni ebe esaphila. UMlahleni uyangena kwezamacala , wenza iMantshi limuhawukele umsolwa , limdabukele , ligcine limthethelele. Uyangena kwezoshunqisa ekhaya kusihlwa, udida abathakathi bangawuboni umuzi.

Niphile nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazana!! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi okuthe thuthu ngaMakhathakhatha.

UMlahleni

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo