Incazelo ngeQaqa{Striped Skunk}

 

Nina abeNgondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba, uKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina beSilo kungumhla wesithupha kuMeyi {Nhlaka} onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeNdlovu enamandla , cha thina sisaphila eMantungweni. Le silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeQaqa ngolimi lwesiZulu . NgesiNgisi sibizwa ngeStriped Skunk. Kukhona nesisho sesiZulu esithi “IQaqa alizizwa ukubuka” okuchaza ukuthi umuntu akawaboni amaphutha akhe. IQaqa libuye libizwe ngeMephitis mephitis ngegama leBotanical . Kuthiwa ‘iStriped” ngoba ikhona enye inhlobo yeQaqa engenayo imigqa. Leyo nhlobo itholakala lena phesheya kweziLwandle. IQaqa lidla izintuthwane , umuhlwa, izinkume kanye nokunye .

IQaqa .

IQaqa nina beSilo aliyona iNyengelezi, yebo lezi zilwane zithi azifane kodwa zihlukile ngoba iNyengelezi incane futhi yona ayinuki. IQaqa bayalisebenzisa abantu ekukhandeni iziNduku. Kuthiwa iQaqa liyangena emithini edliwa umuntu ofuna okuphila isikhathi eside aze adonswe ngesikhumba . Liye lithakwe neminye imithi. Leyo Nduku yayidliwa kakhulu ngamakhosi aseNdulo. Isikhumba seQaqa singena emithini yokukhipha isichitho . Kanti nabo abathakathi bayasisebenzisa ekufakeni isichitho. Ikhanda leQaqa kanye nobuchopho kungena eMibhesweni yesifo sokuwa , isithuthwana, ukudlikiza.  Ugqubu lweQaqa lesilisa lungena emithini eyalapha umuntu owathakathwa iNduku, onenkinga yokungavuki kweNduku ngenxa yobuthakathi . Ake ngime lapho nina beSilo . Niphile nina bakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha. Khumu!!

IQaqa


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo