Incazelo ngeDolo le Nkonyane \Rumex lanceolatus\Potaka leleme:

Incazelo ngeDolo le Nkonyane \Rumex lanceolatus\Potaka leleme:

Nina abaSihlangu simagqabha sinamanxeba uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu. UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina kwaSokhumalo .

IDolo le Nkonyane:

Nina beZulu eliphezulu lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa yiDolo le Nkonyane ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yiRumex lanceolatus, noma yiCommon dock , noma Smooth dock. NgesiBhunu kuthiwa Tongblaar. NgesiSuthu kuthiwa yiKhamane ,ubuye ubizwe ngePotaka leleme ngaso isiSuthu. NgesiPedi kuthiwa uMolokoli.

Lelaphani iDolo le Nkonyane?

IDolo le Nkonyane liwumuthi omkhulu wamanxaba nezilonda. Izilonda ezingaphandle kanye nezingaphakathi esiswini . Uma umuntu noma isilwane silimele kuye kugxotshwe izingxabu kanye namacembe eDolo le Nkonyane , bese kuthelwa amanzi amandayo kugezwe inxeba.  Izingxabu kanye namacembe eDolo le Nkonyane ashisa wonke amagciwane asuke esenxebeni noma esilondeni. Lo muthi ucishe usebenze njengeLoyi . Uma uthanda ungagxoba ndawonye  amacembe nezingxabu zeDolo le Nkonyane bese uyakomisa , bese uphinda futhi ukugqule kuze kube yimpuphu eyofakwa emanxebeni nasezilondeni ezibhibhayo . Kanti iDolo le Nkonyane libuye lelaphe nezilonda ezingaphakathi , emaphashini, ezibindini, esinyeni , esibelethweni nakuzo zonke izindawo ezisuke zinezilonda ngaphakathi . Kugxotshwa wona amacambe nezingxabu bese kwenziwa ngakho imbiza eyokuphuzwa wumuntu okhathazwa izilonda ngaphakathi . Le mbiza inhle kakhulu kubantu besifazane abakhathwazwa izilonda esibelethweni nasesinyeni. Inhlanza isinye nesibeletho , ikhuculule konke okungcolile , ikukhiphe ngokushobingisa. Le mbiza inhle kakhulu nakubantu abakhathazwa izinso,izilo , iqolo kanye nokuhla  umuntu ecobekile.  IDolo le Nkonyane lihle nasezindaweni ezidumbile , emuntwini nasesilwaneni, nakhona kusasebenza zona izingxabu namacembe. Izingxabu zeDolo le Nkonyane eziphekwe ngobisi  zinhle kakhulu kubantu besilisa . Zilola ibhazo yowesilisa , zenza umuntu wesilisa akhuthale emcimbini waseKamelweni, ziyamhlanza ngaphakathi . imbazo ibe bukhali kakhulu, zandisa isidoda, uyephuza futhi futhi nokuchitha. Izingxabu zeDolo le Nkonyane ziyangena embizeni yenzalo yabesilisa , ziye ziqhathwe kakhulu noMdubu, uKlovothi, uDlutshani , iDlebe le Ndlovu, uHlinzamfuko, Amasethole kanye nezinye izinduku. Izingxabu zeDolo le Nkonyane ziyangena nasemithini yezifo zocansi kanye nakweyezifo ezichamisa igazi ezifana noBhelehaziya.IDolo le Nkonyane libuye lichathe , lichathele ukucija uBhoko lweSisu. IDolo le Nkonyane uyakwazi ukulitshala ekhaya uma umhlaba ukuvuna . Ake ngime lapho nina baka Makhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

IDolo le Nkonyane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo