Izihlahla okungafaneke zitshalwe ekhaya:

Izihlahla ezingatshalwa ekhaya:

 

Nina abeNkonyan’encane ka Ndaba edid’imibala , uSihlangu simagqabha sinamanxeba! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu. Ziningi izinkolelo esizweni esinsundu, ezinye zalezo zinkolelo “izihlahla okungafanele zitshalwe ekhaya, noma ezingafuneki ekhaya” Kuye kube nezizathu zokuba kungani isihlahla esithile kungafanele sitshalwe ekhaya, noma sisondelane nomuzi. Ake sibheke ezinye zalezo zihlahla.

 


UMkhanyakude:
UMkhanyakude yisihlahla esikhula sibe side impela , singaba ngale kwamamitha angamashumi amabili. Kuthiwa uMkhanyakude ngoba isiqu salesi sihlahla siyakhanya ngokombala, umuntu usibona esekude. Elinye igama lo Mkhanyakude kuthiwa uMhlosinga. NgesiLungu soSosayensi kuthiwa yiVachellia xanthophloea. Kanti ngesiBhunu kuthiwa yiKoorsboom. NgesiTswana kuthiwa yiMore O Mosetlha. Ngolimi lwesiPedi kuthiwa yiMooka-kwena. NgesiVenda uMkhanyakude ubizwa ngokuthi Munzhelenga. Kanti ngesiTsonga kuthiwa yiNkelenga. UMkhanyakude uthandwa uMphezulu ingakho kungafanele utshalwe ekhaya. Uma uke wamila eduze nomuzi kudingeka ugawulwe impela kukhishwe nezingxabu ngoba uzodonsa uMphezulu. Ixolo nengxabu yoMkhanyakude kuyaphalaza , kuletha ukuthandeka kanye nenkulu inhlanhla le, kodwa akuthakwa kakhulu . Kanti uma kuyisikhathi sokuna kwezulu akuphalazwa ngoMkhanyakude ngoba kukholelwa ekutheni uyosuke udonse uMphezulu uzogadla ekhaya. Abamhlophe bona bayawutshala uMkhanyakude emizini yabo..Kukhona nokho nabanye aboHlanga abawutshalayo, kodwa ukuwutshala kwabo kusuke kunomkhuba phakathi. UMkhanyakude uyisihlahla esingafanele sitshalwe ekhaya.

 

 

IMinyela:
Izingxabu zeMinyela zimnandi zinoshukela , abafana abelusayo bayazidla. Ekwelapheni zithakwa emithini noma ngithi entelezini exosha iSipoki esesixakile endaweni . Kahle -hle iminyela isihlahla esixhumene kakhulu nabantu abangasekho , kwezinye izindawo abantu basebenzisa ihlahla leMinyela uma belanda umuntu oshonile , oshone esemdala. Ngisho naseDlinzeni lo muntu osemdala kuye kutshalwe wona amaMinyela akake iDlinza , abe wuMthunzi walowo oseshonile. Kulula kabi ukutshala iMinyela , uvele umbele isigxobo salo nje kuphela , siyabamba , simile izimpande zenabe , simile namacembe sibe wuMthunzi . Ngamafuphi iMinyela alifuneki ekhaya ngoba isihlahla saseMathuneni leso . Uma sithe samila eduze nekhaya kufuneka sigawulwe , sikhishwe nezimpande. IMinyela libizwa ngokuthi yiCopper -stemmed Corkwood ngesiNgisi. NgesiXhosa kuthiwa uMhlunguthi. NgesiBhunu kuthiwa yiKoperstamkanniedood.

 

IDungamuzi:
Njengoba negama nalo lizichaza , lona wumuthi odunga umuzi. Wumuthi ongafuneki ekhaya , futhi nokhuni lwawo alubaswa , alulokothwa, ludala umsindo omkhulu ekhaya. Lo muthi ubuye ubizwe ngeChithamuzi. NgesiLungu kuthiwa yiScolopia mundii. NgesiBhunu kuthiwa yiKlipdoring, noma Bergsaffraan. NgesiXhosa kuthiwa uMnqanqa. Ngolimi lwesiPedi okuyisiSuthu salena eLimpompo kuthiwa uMohlono. NgesiSwati kuthiwa uMthabane. IDungamuzi lisetshenziswa abathakathi uma bephehla amanzi amnyama. Bayalithaka oKhambeni lwabo abaluphehla kwesikaBhadakazi. Kanti amaxolo eDungamuzi awumuthi omkhulu omzimba omubi , aye aphekwe , abe yiSiphungo esiphungwa umuntu oxakwe umzimba omubi , siqeda izinduna. Amaxolo eDungamuzi ayathakwa embizeni yeSilumo esinamandla. Kanti uma ewodwa mahle kakhulu ekunqamuleni ifindo kowesifazane.

 

UMphafa\UMlahlankosi:
UMphafa ubuye waziwe ngeloMlahlankosi , nawo awufuneki eduze nomuzi ngoba uyisihlahla esilanda abantu besilisa asebeshonile. NgesiLungu ubizwa ngeBuffalo thorn , noma Cat thorn. NgesiBhunu kuthiwa yiBlinkblaar wag n bietjie, noma Buffelsdoring, noma Haakdoring. NgesiVenda kuthiwa uMutshetshete. NgesiTswana kuthiwa yiMokgalo. Izingxabu zoMphafa ziyangena emithini ephalazela ukuvala amaphupho amabi. Zibuye zibiliswe zibe yimbiza yeBuba noMzimba omubi. Zivula nesifuba , zenze umuntu akhwehlele kahle , aphefumule kahle.

 

UMbangandlala:
UMbangandla nawo ungeminye yemithi engafanele itshalwe ekhaya, negama nalo liyazisho , lithi u”Mbangandlala” okuchaza ukuthi lo muthi uyoletha enkulu indlala uma uke watshala, noma uma uyekwe wakhula eduze nekhaya. Izingxabu zoMbangadlala ziwumuthi ovuselela imizwa kumuntu , ziyangena ezimbizeni zeMvusankuni, kanye nasezimbizeni zenzalo. Ziyangena nasembizeni yoMzimba omubi . Ziye zithakwe nasemithini yokusangana kwekhanda . Kuningi okwenziwa izingxabu zoMbangandlala , nasembizeni yesisu seSihudo ziyangena. UMbangandla kuthiwa uMmakatlala ngesiSuthu . NgesiPedi ubizwa ngokuthi uMonkhoane . NgesiTswana kuthiwa yiSerethe. NgesiNgisi kuthiwa yiForest Bushwillow, noma yiCommon Parsley tree.Kanti ngesiVenda kuthiwa uMuthatha-vhanna. NgesiBhunu kuthiwa yiGewone Pietersielieboom.

 

Syringa tree\Melia azedarach\uMsilinga\uPutshutshu
Nina beSilo lo muthi kuthiwa uPutshutshu igama lawo lesiZulu, ubuye waziwe ngoMsilinga okuyigama elisuselwa egameni lawo lesiLungu elithi “Syringa tree”. NgesiBhunu kuthiwa iBessieboom. Lesi isihlahla esejwayelekile , esitshalwa kakhulu abeLungu eZikoleni , emaHhovisi njalo njalo . Kuthiwa lesi sihlahla akufanele sitshalwe egcekeni lomuzi ohlala abantu abansundu. Kuthiwa okuyikhona okubi kakhulu kulesi sihlahla soMsilinga yimpande. Kuthiwa uma yenabe yaze yangena ngaphansi kwendlu kufa wonke umuntu ohlala kulowo muzi .

 

UMtholo\Common hook thorn
Ngicabanga ukuthi iningi lethu liyasazi lesi sihlahla ngoba sejwayelekile lena emakhaya. Kanti siwuBulawu obungena eMagobongweni. NamaSoka asikhonze kabi , abuye asibize ngoMafunazayithole noma oMazulazayithole. Lolu uhlobo lwesihlahla oluthwandwa wuMphezulu , ngakho-ke alufaneki eduze komuzi. Yisona kanye lesi sihlahla okubongwa ngaso iSilo uCetshwayo uma kuthiwa “UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo” . Lezo zihasho zichaza iSilo uCetshwayo njeNkosi eyayivele ihlasele nje kungonakele lutho . UMtholo ubizwa ngoMotholo ngesiPedi. NgesiTswana kuthiwa uMorutlhare. NgesiTsonga kuthiwa iMbvhinya -xihloka. IBotanical name yoMtholo kuthiwa iSenegalia caffra .

 

UMunga\Sweet thorn \Vache
UMunga nawo uyavela ezibongweni zeSilo sasoNdini, nawo uthandwa uMphezulu ngakho-ke akufanele ube seduze nomuzi . Lona wumuthi omuhle wokuhlanganisa amaDlozi, elaseKhakomama kanye nelakoBaba. UMndawe noMndiki. NgesiBhunu kuthiwa iSoetdoring. NgesiPedi ubizwa ngoMookana. Kanti abeTswana bona bawubiza ngoMooka .

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo