Nina abakaNyawothi omnyama uNofukuthwayo , iNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela abanxeba okuluphala! USongobese wamakhanda inkomo yanganene iyakuthengana nayiphi na enenekazi ? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni!Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi kuwu mhla weshumi kuNdasa onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina bakaBhusha ka Nayifi , cha thina eMantungweni sisaphila kakhulu . Lesi sitshalo enisibona esithombeni kuthiwa uNyawothi ngesiZulu , wuhlobo lwamabele okwakuphiswa ngalo utshwala, kubuye kuthiwe uNyaluthi . Lena yiMbewu engasatshalwa kakhulu ezinsukwini zanamuhla , esiyimbvela kancane, yayitshalwa kakhulu kudala ngezikhathi zoKhokho bethu. Kanti futhi iyazikhetha izindawo , ayizwani nezindawo ezinamanzi amaningi , ezingamaxhaphozi , yona izwana kakhulu nendawo enesihlabathi esingafana nesakoMhlabuyalinga, koManguzi kuyela koMamboni eMozambikwe. Kuthiwa izinhlamvu zikaNyawothi uma ushunqisela ngazo ikhaya zixosha iziKhova ekhaya , akanye nayo yonke nje imimoya ayabathakathi. Bathi neNqolobane equkethe uNyawuthi iSikhova asilokothi sihlale kuyo.
UNyawothi:
UNyawothi wuhlobo lwamabele olungasatshalwa kakhulu namuhla, lubuye lubizwe ngoNyaluthi ngaso isiZulu. UNyawothi ufana neBhuma uma uwubuka , ufana ncamashi. Kanti futhi nawo uyaluma uma uthinta isikhumba njengalo iBhuma. Kanti kokubili kubizwa ngeBulrush ngenxa yokuluma kwakho uma kuthinte isikhumba somuntu . NgesiBhunu uNyawothi kuthiwa yiManna. Ngolimi lwesiPedi kuthiwa yiLeotsa. NgesiSuthu saseNingizimu phecelezi Southern Sotho kuthiwa uNyalothi. Ngolimi lwesiTsonga olubuye lwaziwe ngesiShangane kuthiwa uMhungu , noma Mhuga. NgesiNdebele sakwaMzilikazi kuthiwa uNyawuthi. NgesiNgisi kuthiwa yiPearl Millet, noma Bulrush . Zintathu izinhlobo zamabele engizaziyo. Inhlobo yokuqala yiwona aMabele , abizwa ngeSorghum ngesiNgisi. Kanti nawo ahlukene kabili, kukhona amhlophe nabomvu phecelezi “White Sorghum and Red Sorghum” . Bese kuba khona uPhoko okuyiwona mabele anezinhlamvu ezincane kunawo wonke , ingakho kunenkulumo ethi”Kuchitheke uPhoko” okuyinkulumo ekhulunywa uma konakele ngendlela enhle, isibonelo uma kunomdlalo omkhulu woMaskandi mhlawumbe eMabhida{ngiyalinganisa}, kuye kuthiwe “Namuhla kuchitheke uPhoko eMabhida”. UPhoko uma luchithekile alucosheki ngoba izinhlamvu zalo zincane kakhulu. Lona -ke uPhoko ngesiNgisi kuthiwa yiFinger Millet. Inhlobo yesithathu yiwona uNyawothi , okuyiwona kanye okubongwa ngawo iSilo saBathethwa iSilo uDingiswayo uma kuthiwa “uNyath’omnyama uNofukuthwayo , uNgqwashi obomvu wawoHhamuyana” . Lezo zihasho zichaza ukwephana eSilweni saBathethwa. Ukufukutha wukudla inyama luhlaza , ikakhulakazi isibindi , inyama esopha igazi . UNyawothi wuhlobo lwamabele okuphiswa ngalo utshwala beSintu , kuthiwa bukhipha iSihahadolo uqobo , iNtundabebhekene. Ngaphandle kokugaya utshwala uNyawothi uye ugaywe ube yimpuphu epheka iSitshwala {Pap}njengayo iMpuphu yoMmbila. IMpuphu kaNyawothi kubuye kuphekwe ngayo iPhalishi\uMdokwe elimnandi elehla esiphundu. UNyawothi ubuye ugaywe kwenziwe uMcaba wokuvuba amasi . Umnandi wehla esiphundu. Bathi umuntu odla iSitshwala noma iPhalishi lika Nyawothi uphila eside isikhathi , ikakhulazi uma ekudla ngemfino yezintanga , imbuya nezinye izinhlobo zemfino. Ake ngime lapho nina beZulu eliphezulu , kusasa ngizochaza ngoPhoko.
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo KhumaloTV” uthole ulwazi ngamakhambi , kanye nomlando wakwaNtu.
