Incazelo ngoMhlala\uMhlali\Strychnos spinosa\Monkey orange\Morapa

Nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela ! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyaDambuza ka Ntombela !

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona kuwu mhla weshumi nanye kuNdasa onyakeni ka 2023. Cha, thina sisaphila eNdinaneni. Lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa ‘uMhlala\uMhlali’ngesiZulu. NgesiBhunu kuthiwa yiDoringklapper. NgesiNgisi kuthiwa Monkey orange, noma Spiny monkey orange, Natal orange, noma Green monkey orange. NgesiPedi kuthiwa uMorapa. NgesiTsonga kuthiwa yiNtengulengu , noma yiNsala. NgesiVenda kuthiwa uMutamba .

Yini uMhlala\uMhlali?

UMhlala noma uMhlali  isihlahla esifushane ,asivami ukukhuphakama sedlule amamitha ayi-7.Siwuhlobo loMkhombazulu noMqalothi .Amaxolo aso ampunga ngombala omaholoholo .Izithelo zawo okuthiwa aMahlala ziyindilinga zinkulu ,zithi azibe ngaphezudlwana kwaMawolontshisi .Amahlala anephunga elimnandi elizwakala uma esaqala ukuvuthwa noma esevuthiwe .Izinhlamvu namagobolondo awadliwa ngoba  kuthiwa zibuye zibe nokusabuthi, abanye ziyahlanzisa uma bezigwinyile.  .AMahlala angavuthiwe ayingozi uma edliwa ngoba umuntu owadlile uyabuyisa .Igobolondo lawo lilukhuni ,libushelelezi ,liluhlaza uma engakavuthwa ,uma esevuthiwe aba ngathi ampofu .Ubuthumbu bawo buwushukela bumnandi behla esiphundu .Kudala lolu hlobo lwesithelo lwaluthathwa ngokuthi olwezingane ngoba izona ezaziludla kakhulu . Kwenye inkathi inkovu yaMahlala yayifakwa ephalishini elimanzi , lezingane. Kuthiwa yenza isisu kanye nesifuba sengane sihlale sipholile futhi sihlelekile. Kahle-hle inkovu yeHlala ingumuthi omkhulu wezingane. Kuthiwa izingane yizona ezaziwabona kuqala aMahlala ukuthi asevuthiwe . Atholakala kusukela kuMandulo kuya kuLwezi .


UMhlali ekwelapheni:

Isihlahla soMhlala \uMhlali sikhiqiza izithelo ezidliwayo futhi ezimnandi , ezibizwa ngokuthi ‘aMahlala\aMahlali’. Inkovu yalezi zithelo inoshukela , kuthiwa yelapha umuntu ophethwe yisifuba esingapholi, ibuye ibulale namadliso ngaphakathi esiswini. Ngamanye amazwi umuntu ophethwe yilezo zifo uyelapheka uma edla iHlala. AbeSilo kudingeka baqaphele kakhulu uma bedla aMahlala , bangazigwinyi izinhlamvu noma izimbewu ngoba kuthiwa zenza umuntu ukuba abuyise, zinobuthi. Uma kudliwa iHlala kugwinywa inkovu kuphela. Bakhona nokho abanye abazigwinyayo izinhlamvu kodwa kungenzeki lutho . Zona futhi izithelo zibuye zingene ezikweni le mfuyo yezinkomo. Izimpande zoMhlala zingena emithini ephalazela inhlanhla, imithi emhlophe esingabala kuyo uMadlozana, uQhume , uVumakubangoma omhlophe, iNhlanhlemhlophe kanye neminye. Zona futhi izimpande ziye zonyiswe , bese siyaqothwa zibe yimpuphu eyothwakwa kwiZibiba zamanxaba okulunywa yizo zonke izinhlobo zezinyoka. Izimpande zoMhlala zibuye zixutshwe naMahlala angakavuthwa kwenziwe umuthi weMfiva namehlo abuhlungu. Izimpande zoMhlala ziyangena ezinsizini zaMalumbo. Ziyangena futhi embizeni ephuzelwa isisu esilumayo. Izimpande kanye nezithelo kuyangena eNdukwini ebethela ikhaya. Kuningi okwenziwa uMhlala nina beSilo , ake ngime lapho nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma, uKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngengxabu.

AMahlala

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo