Incazelo ngentelezi uGebeleweni \Phipsalis baccifera :

Incazelo ngentelezi uGebeleweni \Phipsalis baccifera :

Nina beNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Esithombeni nina beSilo yintelezi ebizwa ngokuthi uGebeleweni. Lena yintelezi enkulu engena ezindaweni eziningi. Kuthiwa uGebeleweni ngoba le ntelezi uma ikhula igebela eWeni , ishone phansi , ikhule ishona phansi. Noma ikhule ithandele isihlahla esikhule , ikhule iya phezulu. Zimbili izinhlobo zikaGebeleweni. Kukhona inhlobo emila endle okuyiyona esetshenziswa kakhulu abantu. Bese kuba khona inhlobo etshalwayo ekhaya , etshalelwa eThinini ebese ikhula ithandele isihlahla iThini elisuke libekwe ngaphansi kwaso  , noma ilengele phansi uma kuwukuthi iThini beliphanyekiwe njengoba nibona esithombeni esihlanganisiwe esingakweSokudla . Lena etshalwayo uyakwazi nokuyithenga iseyiMbewu, bese uyozitshalela yona ekhaya. NabaMhlophe bayikhonze kabi le ntelezi, bayayitshala nabo emizini yabo . Uma uyoyithenga ufike ucele iPhipsalis okuyigama ebizwa ngalo ngesiLungu soSosayensi, phecelezi “Botanical name”

Wenzani uGebeleweni?

UGebeleweni yintelezi engena cishe kuyo yonke imithi. Uwumuthi olwayo kakhulu njengeSibhaha. Uyangena kwezokuchupha ikakhulukazi kwezokuchupha abathakathi. Kukancane ukuthi usale uma kubethelwa ikhaya, liqiswa. Uyangena eNdukwini echela ikhaya , ugijima nemithi efana noShaladilezinyoka , oMathithibala nezinye. Abanye bayawutshala ekhaya , kuthiwa uvikela umndeni kubathakathi, uphinde uvimbe noMphezulu ukuba ungashayi ekhaya. Into esebenza kakhulu kuGebeleweni uma kuchelwa yizona izinduku lezi enizibonayo , izimpande zingena kakhulu ekuphalazeni ngoba kubuye kuphalazwe ngoGebeleweni , kuphalazelwe ukwakha inhlanhla. Uye ungene emithini emhlophe efana noNhlanhlemhlophe, uMadlozana, uQhube, uVumakubangoma omhlophe kanye neminye. UGebeleweni uyangena naseNdukwini echela iziNduku zokungcweka eMgangaleni.


Izinduku zikaGebeleweni ziye zibiliswe zibe yiSiphungo esishisa izilonda ngaphakathi esiswini, emaphashini, ezibindini, esinyeni nakwezinye izingxenye zeSisu. Lesi Siphungo ziyazishisa izilonda ezisemphinjeni,sidambisa nenhlungu yaMadlala. UGebeleweni uwumuthi ohlela uphinde uqinise yonke imizwa egazini, ngisho nemizwa yoCansi imbala . UGebeleweni uyangena nakwezinye izindawo ezihlukahlukane .  Ake ngime lapho nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi, uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye futhi ulwazi ngamakhambi

 

UGebeleweni

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo