Umlando ngesibongo sakwaNsele Abantu bakwaNsele bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Laba bantu bakwaNsele babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangweni, basekanye nabantu bakwaZwane,abakwaHudla, abakwaCebekhulu , abakwaNdiweni kanye nabanye.UNsele okwaqanjwa ngaye isibongo nguNsele wesibili indodana... qhubeka ufunde »
AbakwaNgcobo Abantu bakwaNgcobo bangaMalala avela eNyakatho nezwe.Abantu bakwaNgcobo sibathola beneNdlunkulu,iQadi kanye neKhohlwa kuze kufike nakwisizinda. Ukuze uchazeke kahle umlando wakwaNgcobo kumele uchazwe ngezindlu Ukudabuka kabantu bakwaNgcobo Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, s... qhubeka ufunde »
Izithakazelo ngomlando wakwaKunene Abantu bakwaKunene bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni,imvelaphi yabo isenhla nezwe njengazo zonke izibongo zabeNguni.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaNkosi-Dlamini nokuyisibongo esibusa izwe laseSwazini.Isibongo sakwaKunene saqambeka ngoKunene kaGebase kaS... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMazibuko AbakwaMazibuko bangaBaMbo Nguni,bayinzalo kaNtsele njengabantu bakwaZwane.Bazibiza ngenkosi yabo uMungwe,yingakho baziwa ngokuthi bangaMangwe noma abaseMangweni.Umlando uveza ukuthi abakwaMazibuko bahlobene eduze nabakwaZwane futhi kufanele ngabe abaganiselani ngoba ... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaChonco Abantu bakwaChonco bawuzalo lweNkosi uSibiside kaSidweba yaseMbo.INkosi uSibiside ibuye ibe nguKhokho wabakwaMkhize ,Shange,Ngubane,Ngezane,Mdima,amaMpondo oNyawuza,Faku ,aMaXesibe nezinye nje izibongo zaseMampondweni.Abantu bakwaChonco baphuma kuNomafu kaSibiside obuy... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNzama baphinde baziwe ngokuthi ngabakwaWosiyana. Noma kwesinye isikhathi ngenxa yokwehlukana kwezigodi kuyaye kuthiwe ngabakwaZama, bamyeke uhlamvu-N ekuqaleni. Imvelaphi yabantu bakwaNzama iqhamuka kubantu bakwaNgcobo. Bazalana kakhulu nendlu kaMkheshane(Shangase).Phela uMkheshane ngumn... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaZikhali. Abantu bakwaZikhali bangaMaNgwane, ahlobene naMaNgwane kaMatiwane. Empeleni abantu bakwaZikhali baqhamuka eSwazini kwaNgwane. AmaNgwane esiwathola manje oKhahlamba ayazalana nala MaNgwane akwaZikhali. Eduze kwechibi lakwaSibhayi(Lake Sibayi) kunendawo lapho ebizwa ng... qhubeka ufunde »
Imvelaphi yabantu bakwaNzimande iseSwazini .Laba bantu bakwaNzimande bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. AbakwaNzimande baphuma ebukhosini baseSwazini, baphuma kuNdzimandze owabe engenye yamadodana enkosi uDlamini, elamana noNkosi owabe eyinkosana futhi okunguyena owalandela inkosi uDlamini esi... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMdletshe Abantu bakwaMdletshe baphuma kubantu bakwaMthethwa. Abantu bakwaMthethwa bangamaNtungwa angaMalala ngokwezigaba zabeNguni, kodwa-ke ngokuhlakazeka kwabo kugcine abanye sebengamaNtungwa-Nguni. Nabo abakwaMdletshe sebengaMantungwa-Nguni ize bezalwa kwaMthethwa. Ukuvela... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMbeje Abantu bakwaMbeje ,abakwaMbatha ,abakwaShandu, abakwaKweyama nabakwaDladla bangabantu baseMambatheni .Ize sekukhona ukuganiselana kulezi zibongo ngesizathu sokwentula ulwazi kodwa empeleni laba bantu bawumndeni owodwa nokuwumndeni waseMaMbatheni. Abantu baseMaMbatheni... qhubeka ufunde »