Ngomane, Wena kaMqomboli Msindazwe, Mfuyi wamatshe abanye befuya izinkomo, Mfusi kaMawewe, Wena waseZisayini, Mnomo! Dukuza, Msindazibaya owasina eMangweni nasakoDonda: Ibinda
Nxasana Mkhiwa,Gawu Mbekela Vonkiya,Totoba Dunjana Mlungwana Thaba Skhonza ngenkomo kwabasemzini Abafokazana bekhonza ngomlomo Belelide elancelisa ingane ingaphesheya komlambo Nyok’emnyama eyacand’isiziba Isalukazi esafa namananana ikhehla lasifuna Butsolo bentonga Malilelwa yintombi ithi noma... qhubeka ufunde »
Mahlambi Mntungwa ka Mbulazi Bantwana beNkosi Gasolo Mlotshwa Nontena Nina bakaMawela Owawela iZambezi ngezikhali Mzingeli Ngqina Wena kaNgqekeza zigodo Ndema Sikhotho Nina bakaNoyanda kaNdaba Mzilikazi kaMashobana Nina baseNgome
Guma Ngogwana, Suthisamagxegwana, Zandla zibomvu ngokuphatha ilanga. Suthisamaphiva namasongololo, Siyaye sibasa endleleni singosi lutho Juba elakhale mate kwazekwasa upotoloza engalele. Somomose, Mpinda kaNomopha, Mngezane, Mangena ngesitha ekhaya.
Khondlo, Mwelase, Nzima, Muna, Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha, Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda, S`gawuli semithi emide nemifushane, Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini, Nzimalamase ngobulandakazi, Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni, Okwathiwa ng... qhubeka ufunde »
Skhende, Jele, Ntini Ngubo yengwe. Somkhanda, wena owakhanda amadoda, Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke, Ntongande, Mdakane, Mehl’enkomo, Ntini, Nozingelayo, Ndandali, Wena kaNgoni, Mlotshwa! Ndandayi Mehlwenkomo Malila ngomkhonto abanye belila ngezinyembezi Siguguda senyathi Wena kaKhokhozela njengeQ... qhubeka ufunde »
Goba, Mdunge, Theneza, Mageza ngobisi lwenhlunu abanye begeza ngamanzi, Jangaza Ubambo kaludliwa ngabafokazana, Ludliwa umlandokazi, Mbiko Scubu kasosiwa Siyaphekwa kudle wonke emaGoba Mkhemezela, Khethwayo, Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka Mandlovu
Zintathu izithakazelo zakwaHadebe ezitholakele lapha. Hadebe Mthimkhulu Bhungane kaNsele Nzimande Wena kaLangalibalele KaNdlubu ezamila endaweni embiNgoba zamila emthondweni. Amangelengele anzipho zinde Ngokuziqhwandela. Makhulukhulu! Hadeb’omuhle okhonz’agoduke Angaze axakwe yithambo lasemzini.... qhubeka ufunde »
Kheswa! Nozulu! Mpangazitha! Mchumane! Mnguni, Abanguni abangakanani, Ngoba nasechopheni leqhiya (leduku) bayenela! Izulu eladuma ekuseni, Kwathi ntambama laphangalala! Nina enehlis’uBuhhedlana, Amangelengel’awel’iMpofana nawel’uThukela! Nawela ngesilulu nibheke eBusuthu. UMchachambi wezulu ... qhubeka ufunde »
Makhendama!Soyingwase! Nina bakaBhebhe kaMthendeka! Nina bakaBhebh’owabhebhel’umuntu etsheni. Nina bakaSoqubele onjengegundane. Nina baseSiweni. KwaMpuku yakwaMselemusi. KwaNogwence webaya. Dlomo weNdl’ende! Sihlangu samavaka seswel’ababhemu. Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda ... qhubeka ufunde »