Mgilitsha! Nyanganduna! Masomane! Ngubo yengwe neyengonyama Mbambo zenyathi Malinga! Owalinga izinkomo zenkosi Mancwanga! Nyawo zimhlophe.
Hlokohloko, Sishi Khabalidaka,Mpumuza Sozabe Nodlomo Dlobeni Nina enadla inhlunu niyililela Somagodla owagodla ingwe nengonyama Mabiya ngothuli amahlahla ehlezi
Mahlobo, Mshazi Debelimdaka, Bomvula. Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama Nozishada kaMaqhoboza Owaqhoboza izinkomo zamadoda UMajiya kaDiniZulu kaMsuthu Mudli
Dlamini Malandela Nyanya Mfolozi eMnyama iNkethabaweli AbakoNyanya abayiphuzi ngoba yafika neNkosi yakubo Abanebhaxa abayiweli Babuyela kubo bayofuna isithole esimdaka Abazowela ngaso Soshenge Wena wakwaSomabika ngokubikela aMaShenge Ukuthi kuyadliwa kwaMandlakazi Manzayiwayo!
Mthuyi, Mnguni! Qwabe kaNozidiya, Khuzwayo! Mlamlankunzi Ungaziyeka zibulalane Mthatathu kaGumede, Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe. Isigogo esisind’ abatshathi. Donga olulal’ amankentshane Nina bas’ Ongoye. Mbuse, Malinda Lushaba Ntseka Wena owashaya insimbi ngomlenze. Mgcwalisi wethus... qhubeka ufunde »
Shenge, Sokwalisa, Phungashe kaQwangubana. Mnyamana kaNgqengelele, Sondiya, Mnandingamondi, Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela, Nina zinyawo ezimahhele, Enaganisa izintombi nanganye nangambili…..
Macingwane. Yeyesa Phakade , Macingwane , wena waseNgonyameni. Jama kaSilwane, Nyanda yemkhonto, Phakade akagugi koze kuguge izngane zakhe, Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshanyelo..
Ndabezitha, Mntwana, Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda, Zulu omnyama ondlela zimhlophe, Wena kaPhunga noMageba, Wena kaMjokwane kaNdaba, Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva, S’thuli sikaNdaba, S’thuli sikaNkombane, Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikh... qhubeka ufunde »
Ndabezitha, Shandu kaNdaba, Sontshikaze, Gumbi lamagwala, UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala, Nasothini lomkhonto uyenela, Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla, Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni, Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo! Bhabha Magwaza, Nkentenkente, O... qhubeka ufunde »
Zwane, Mangethe! Zikode, Phikelela! Ntshosho, Nsele kaLindamkhonto! Nina bakwaVezi! Mthanti! Gobeni, Nsele, Mangethe Zikode kaPhikela, Wena Wasetsheni, UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane, Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda, Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele, Bathi uZwane ... qhubeka ufunde »