Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Dlamini Mzizi

Mzizi, DlaminiJama kaSijaduNomane, MtikitikiGubungulasheNdabazamthethwaNsukunsukuNtabayanyuka, SandlulubaNkosi..  

Dludla

Nolanga, Skhakha somfazi, Nsukunganye, Cebisa, ocebisa abafokazana ngozuka Ndwani, Noyivalela, Ndaba zamanina, Sibunyana siluhlazana intebe, Mandondo weNkethe, Jaja, Maphambukela, Mbayimbayi, Mbuya, Madlodlongwane, Sikhonkwane, Ntanjana, Mmemezi, Tonisi, Maxolo!

Mncube

Khambule, Mzilankatha, Inkatha kayingen’endlini, Yangena kubola izinkaba zabantwana, Nina bakaNkomo zilal’uwaca, Ezamadojeyana zilal’amankengana, Mlotshwa, Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni, Mpangazitha, Magasolo, Nina basebuhlen’obungangcakazi, Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,... qhubeka ufunde »

Mbeje

Mbatha, Shandu kaNdaba, Sontshikaze, Manyosi, Gumbi lamagwala, UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala, Nasothini lomkhonto uyenela, Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla, Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni, Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo! Bhabha Magwaza, Nkentenken... qhubeka ufunde »

Maphumulo

Maphumulo, Mashimane, Doncabe, Zikode, Dubandlela, Mgobode,Masiyane! Cwalile!!

Luthuli

Mshibe!Madlanduna!Abadl’insikazi belambile, Ngoze ngikwenze owangenza khona, Nina eningawadl’amasi ningawanikiwe, Nesab’amas’ehla ngendololwane, Nina bakaMashiza, Ndlwan’enhle! Sigencagenca mbaz’ebukhali! Malal’aqhamuke ngezansi, Zingwaz’ezidl’inyama abanye bedla izinyamazane, Mave... qhubeka ufunde »

Bhengu

Ngcolosi, Wena kaDlabazane, kaNgwane, kaNephu, kaLamula Nyawo zigezwa ngamazolo, Nina enivuka nixubhe ngalala, Shongololo Wathi uyalithinta lahwaqabala, Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze. Nyawo zeShongololo kaziphumuli. Sigamphu Ngwane, ingwani ngwadi Abayibone ngesond’ukuthi iwelile, Jali Nin... qhubeka ufunde »

Khoza

Mlothswa! Msuthu! Mkhathini, S’phan’abantwana, Ndlel’ehamb’ekhaya, eyanqamula kwaMandlakazi! Mancencence!Hlabisa odlulayo, Ngoba olele akahlatshiswa, uyidla aze ayiqede. Wena wakwaMpahl’emhlophe.ingaba bomvu isiyonakele. Ntshingwayo. Mangena, Mlilo, Wena waseSiphezi ! Skotana,Mabona, Nomag... qhubeka ufunde »

Cele

Cele Ndosi Nombedu Khumbuza Nkomo kayivuswa Nkomo isengwa ilele Wayisenga imile iyakhahlela Siqunga esihle esingahlalwa nyoni Siqunga esihle esizalela amasakabula Mkhokheli owakhokhela isizwe ekugqilazweni Dubandlela Vico akagezanga Ubuye nensila emfuleni Ngoba ethembe ukugeza ngobisi Magaye,Mande M... qhubeka ufunde »

Kubheka

Khathide Masobode, Wena owasobodela udlubu nokhasi, Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda, Mbend’ebomvu enjengetolwane, Boya obuningi obungangenyathi, Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele, Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide, Som... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!