Incazelo ngeNgcotho(INcotho\iNcotha\Boophone disticha) Nina bakaBhusha ka Nayifi leNduku eniyibona esithombeni ibizwa ngokuthi yiNgcotha ngesiZulu,noma iNcotho,noma iNcotha.Intelezi enhle kakhulu lena,eletha eningi inhlanhla nxa itshalwe ekhaya.Ivimbela abathakathi nemimoya emibi ukuba kungangeni ek... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoDumbasibumbu(Lithop plants) Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade.Ngethemba basaphila abeSilo.Esithombeni nina beSilo wumuthi omkhulu wamasoka akhohlakele,ubizwa ngokuthi,uDumbasibumbu,noma uDumba ka Sibumbu.NgesiLungu kuthiwa iLithop Plants,noma Lithop stones.Lo muthi amasok... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeNyathelo(Platycapha glomerata Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini,iSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni{kwabaMhlophe, oPritorious}.Le Nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi yiNyathelo,akuyona ... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeMboziso(Fennel plant) Lo mbhemu osesithombeni kuthiwa iMboziso ngesiZulu.Intelezi enkulu lena.Ingena ezintelezini zokuchela ekhaya,ezokugeza ,kanye nezinye.Le ntelezi inamakha amnandi,anuka kahle uma uyihogela.Njengoba ibizwa ngeMboziso nje umsebenzi wayo omkhulu wukubolisa  Ibolisa nam... qhubeka ufunde »
Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMancengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalalaISilo uShaka leso , iSilo sakithi k... qhubeka ufunde »
Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo ayigwebi ichoma ngazo zombili, uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzula!!#ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iN... qhubeka ufunde »
Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni amadoda! Ngiyababingela abeZulu eliphezulu enhla... qhubeka ufunde »
UMganu /Marula/Sclerocarya birrea Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. ... qhubeka ufunde »
Incazelo ngoMngamanzi Nina abakaMashikizela ashiye iMpi yakhe uMgabadeli owagadela inkundla yakwaBulawayo.UVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini,lunjengoVumakubangoma.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMd... qhubeka ufunde »
Nina baka Zitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, uCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abeZindlu nabeZindlwana abeZindlu bayikhexa imilomo! #ISilo sakithi oSuthu leso iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.... qhubeka ufunde »