Incazelo ngoMadlozana ( Turraea floribunda )

UMadlozana

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo ayigwebi ichoma ngazo zombili, uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzula!!#ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi engiwubona esithombeni kuthiwa uMadlozana ngesiZulu . Ngumuthi omuhle weDlozi lona , owuBulawu. NgeBotanical name waziwa ngeTurraea floribunda. Ngumuthi weDlozi lona futhi ubuye usetshenziswe ekuphehleni amaThwasa .Izangoma ezimnkatsha ubomvu ziyawusebenzisa ngaphambi kokuba zishaye umhlahlo .

Usebenzani uMadlozana?

Njengoba besengishilo uMadlozana ungumuthi omkhulu weDlozi ongena eMagobongweni eDlozi. Uyalikhuphula iDlozi.Ekukhuphuleni iDlozi uye uthakwe namaPhakama , kuye ngenhlobo yeDlozi . Uma kuyiDlozi lasemanzini uye uthakwe nePhakama lasoLwandle kanye neminye imithi yeDlozi. Uma kungelona iDlozi lasemanzini uye uthakwe nePhakama langaphandle. UMadlozana  muhle kakhulu nasekucaciseni amaPhupho , ukhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa . Muhle kakhulu uMadlozana nasekugezeni iDlozi , uyangena eziNdukwini ezimhlophe zokugeza aManzamnyama.  Kanti nabantu phaqa nabo  bayawuthaka emithini yabo yeNhlanhla .Baye bawuqhathe  neziNduku ezifana noNhlanhlemhlophe, iPhuphuma, uVumakubangoma omhlophe , kanye neminye imithi yenhlanhla. Kuyaphalazwa ngoMadlozana, kuyagqunywa futhi kubuye kugezwe. Le Nduku yinhle kakhulu uma igiya noMusa kanye neNingizimu ngoba nayo yenza umuntu athandwe yiDlozi njengazo iziNduku uMusa neNingizimu. Kule Nduku kuye kusetshenziswe  impande noma ixolo lawo uMadlozana. Lo muthi uyangena uma kugezwa umuzi oshonelwe. Impuphu yempande kaMadlozana kuye kumfimfithwe ngayo inyama uma kushoniwe. Le mpuphu inhle kakhulu nakwimikhuhlane .Iye ikhothwe , ikhothelwe ukwelapha umkhuhlane. Yenza inhliziyo ithande ukudla , ibe ne -apetite. UMadlozana muhle kakhulu nasekudonseni,kwezamaBhizinisi.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi. Niphile nina beSela lintongande lawo Baleka lithabathe umshiza ;lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo