Nina baka Zitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo, uCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abeZindlu nabeZindlwana abeZindlu bayikhexa imilomo! #ISilo sakithi oSuthu leso iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo. …Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi uMusa igama layo , ngesiXhosa yaziwa ngeleNceba .Vele umusa ngoLimi lwesiXhosa kuthiwa inceba. .Uma umuntu wakwaXhosa ethi “Nkosi ndenzele inceba”usuke ethi “Nkosi ngenzele umusa”..
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo uma insizwa ithake le Nduku kwezimhlophe zoGazi , zokuphalaza , leyo nsizwa ithandeka kakhulu , ithandwa izintombi , ithandwe ngabantu ,ithandwe ngisho nayiDlozi libe nomusa kuyo liyethwale ngeQoma liyiphe neZinto. Le Nduku iye igiye kakhulu kakhulu neziNduku ezifana neNingizimu, iNhlanhlemhlophe , uVumakubangoma omhlophe , uBhubhubhu kanye nezinye iziNduku ezimhlophe. Le Nduku iyangena naseGobongweni elimhlophe lokugeza iDlozi uma kade kushaywe umndeni ngaManzamnyama, noma uma bekade kuphendulwe iDlozi. *AmaSoka ayayithanda le Nduku aphalaza ngayo ayithake futhi naseZikhafulweni. ISoka elidla leNduku aliyiphumi iNqina kaMabuyaze. Le Nduku iyangena nakwezokufesa umsebenzi, kwezokukhushulwa , kwezamaBhizinisi, kanye nakwezemali nje jikelele . Yinhle kakhulu kwezoBulomo le Nduku.
Khumu !
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “ @kholokhumalotv’

mkhulu ngyabonga ngolwazi engiluthole kulenduku bu hostile namhlanje. umusa bengazi ukthy unomsebenzi omngaka isandla sidlula ikhanda kwadelothathe khona