Incazelo ngoMngamanzi (uMngamazi)

Incazelo ngoMngamanzi

Nina abakaMashikizela ashiye iMpi yakhe uMgabadeli owagadela inkundla yakwaBulawayo.UVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini,lunjengoVumakubangoma.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.ISilo uDingane leso,iSilo sakithi eMgungundlovu.Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uMngamanzi igama layo .*Isithombe sale Nduku ngicele imvume yokusisebenzisa kuMkhulu uDumisisizwe weMandulo TV njengoba nibona nje sibhaliwe. *Nina beSilo uMngamanzi kanye noMunga akusona isihlahla esisodwa.UMunga ubuye waziwe ngeleSinga,usemndenini owodwa nezihlahla ezifana noMtholo,uMkhanyakude,uMkhamba (uSakhayedwa)kanye nezinye izihlahla .

Yenzani le Nduku

Nina beSilo  igxolo loMngamanzi liyiNduku enhle kakhulu yokulungisa iDlozi , lingena kwiZinhlanzi ezimhlophe . Liyangena kakhulu esigabeni sesibili sokugeza aManzamnyama okuyisigaba esenzelwa ekhaya sekubuyiwe ehlathini, lapho kusuke sekudliwa khona iziNduku ezimhlophe ezifana nawoMngamanzi , uVumakubangoma omhlophe ,  uMadlozana kanye nezinye iziNduku . Liyangena futhi nasekulungiseni iDlozi uma liphenduliwe. Igxolo lale Nduku uMngamanzi lihle kakhulu nasekuvuleni inhlanhla evaliwe.Lihle futhi nasekugezeni amathunzi amnyama, amabhadi kanye nezichitho.  Izimpande zoMngamanzi zingena kumaGobongo oMndawu .Ingxoza yoMngamanzi iye iphothwe yenziwe umnqwambo womuntu othwase uMndawu . Le Nduku ibuye isetshenziswe ngabakhunkuli ukushabalalisa izimpilo zabantu .

Khumu!!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “@kholokhumalotv”

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo