Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Mchunu

Macingwane. Yeyesa Phakade , Macingwane , wena waseNgonyameni. Jama kaSilwane, Nyanda yemkhonto, Phakade akagugi koze kuguge izngane zakhe, Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshanyelo..

Mbatha

Ndabezitha, Shandu kaNdaba, Sontshikaze, Gumbi lamagwala, UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala, Nasothini lomkhonto uyenela, Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla, Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni, Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo! Bhabha Magwaza, Nkentenkente, O... qhubeka ufunde »

Mkhwanazi

Veyane kaCungethe Mtubatuba Wena owalobolela amadoda Ndonga Shamase Mayanda Nkwali yenkosi Dlebhu wabeSwazi Somkhele,Sokhethabahle

Mlilo

Mabasa Singwazi Matshisa Chauke Nkumba kaBangwane Sivumase saMantshena Xinyori xa humba Mtotobi kaNkumba Nkumba kaDengezane Zingwazi zempi kaNdaleka

Mgwaba

Mbhense! Mgwaba! Bhensela, Sindane, Sibind’ esimnyama nenyongo yaso. Wena kaMpiko, Ntombi kazendi, zenda ngonyezi Ngoba ngomnyama zesaba ukuqhuzuka Nyath’ emnyama kaSobhalabhala Nin’ abahle njengomkhono wendlovu Nina bakwaZulu Mhoboyi kaMpiko.

Mabaso

Ndabezitha wena wendlovu! Mntungwa, wenaKaMbulazi! Udle izimfe zambili Kwaphum’ikhambi lalinye. Nina enithi nidla, Nibe niyeng’umuntu ngendaba, Nina enehla ngesilulu- Abafokazana behla ngezinyawo, Nakhomb’udwendw’ematshensikazi naluqhoqhobala Nathi lala vuka litshe Mabaso,Nko... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!