Makhendama!Soyingwase! Nina bakaBhebhe kaMthendeka! Nina bakaBhebh’owabhebhel’umuntu etsheni. Nina bakaSoqubele onjengegundane. Nina baseSiweni. KwaMpuku yakwaMselemusi. KwaNogwence webaya. Dlomo weNdl’ende! Sihlangu samavaka seswel’ababhemu. Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda ... qhubeka ufunde »
Nkomose Dibanto Thole Malinga Wena owalinga izintaba zaganana Nhlun’emhlophe,ingababomvu ngeyomlandakazi Mzilankatha Msenganduna namathokazi Ndlandla kubheka Jiyane Nongalo Wena ophika nelanga Didiza Msuthu wasenhla Zibaya ,Snquma
Mpangazitha Mahlobo Sonomo Zulu Nodange edumile Mningiza Mpikwane Nondela mzimba odikila isidumbu adle umlenze Bubi kabulali ngoba babulala abakwaDludla Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela Mnqandwendwe Mageba sabela uyabizwa Dlambedlu olumashobane
Khambule, Mzilankatha, Inkatha kayingen’endlini, Yangena kubola izinkaba zabantwana, Nina bakaNkomo zilal’uwaca, Ezamadojeyana zilal’amankengana, Mlotshwa, Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni, Mpangazitha, Magasolo, Nina basebuhlen’obungangcakazi, Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,... qhubeka ufunde »
Mbatha, Shandu kaNdaba, Sontshikaze, Manyosi, Gumbi lamagwala, UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala, Nasothini lomkhonto uyenela, Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla, Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni, Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo! Bhabha Magwaza, Nkentenken... qhubeka ufunde »
Maphumulo, Mashimane, Doncabe, Zikode, Dubandlela, Mgobode,Masiyane! Cwalile!!
Mnguni, Qwabe, Gumede, Mnguni kaYeyeye, Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo, Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba Abathi “dluya kubeyethwe”, Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni, Sidikida lolodaba, Phakathwayo! Wena kaMalandela, Ngokulandel’ izinkomo zamadoda, Amaz... qhubeka ufunde »
Mdolomba Mzukase, Mnguni wasenhla Wena waseNingizimu Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane Mdlomba kaDuma Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala Ngwenya kaMalambe... qhubeka ufunde »
Hlokohloko, Sishi Khabalidaka,Mpumuza Sozabe Nodlomo Dlobeni Nina enadla inhlunu niyililela Somagodla owagodla ingwe nengonyama Mabiya ngothuli amahlahla ehlezi
Macingwane. Yeyesa Phakade , Macingwane , wena waseNgonyameni. Jama kaSilwane, Nyanda yemkhonto, Phakade akagugi koze kuguge izngane zakhe, Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshanyelo..