Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini , uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela !#ISilo sakithi kwaNodwengu leso ! ISilo uMpande ka Sengangakhona ….. Ngethemba isaphila yonke iNgabade . Nina beSilo lena esesithombeni kuthiwa yiNkalankala ngesiZulu. Lesi isilwane siyisilwane esihlonishwa kwaMazibuko. Ize sekwaba khona nezinye izibongo ezisihloniphayo lesi silwane , kodwa kahle iNkalankala iyisilwane sakwaMazibuko. Kuthiwa kudala kwakuthi uma kwaMazibuko kuzalwe ingane okusolaka ukuthi akuyona eyakhona , kuthiwa iZalukazi zakhona kwaMazibuko zazithatha iNongwane yaleyo ngane ziye nayo eMfuleni zifike ziyiphose eSizibeni . Kuthiwa uma leyo ngane ingeyekwaMazibuko iziNkalankala zaziyidla ngokushesha leyo Nongwane,kodwa uma kungeyona zaziyiyeka intante emanzini ize ibole. Abantu bakwaMazibuko bayayihlonipha impela iNkalankala , bayithatha njengeDlozi labo . Kangangokuthi baze bayibize ngoMuna okungesinye sezithakazelo zakwaMazibuko.
Yenzani -ke iNkalankala ?
Nina beSilo iNkalankala ize ingadliwa lapha kweleNgabade kodwa yona iyadliwa iwukudla, kangangokuthi ize idayiswe impela nasezitolo ezinkulu. UMhluzi weNkalankala muhle kakhulu ekwelapheni umuntu ohlushwa isifuba esingapheli , noma onenkinga yokuphefumula kahle . Izidumbu sonke seNkalankala singena ezinsizini zesifo soHlangokuthi , phecelezi Stroke. Sihle kakhulu uma usithake nesandla seSinkwe kanye neminye imithi . Udaka lweNkalankala eyakhela ngalo indlu yalo luhle kabi eZimbizeni zoMhluma kanye nasezinsini zawo .
Khumu!
Niphile nina bakaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV……
