UMnukelambiba (Clausenia anisate,Horsewood,Munukha-vhaloi)

 

UMnukelambiba.

Incazelo ngoMnukelambiba

Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi,uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele.UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose.UNgalo zimqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade.

UMnukelambiba

Nina beQhawe lo muthi eniwubonayo ubizwa ngoMnukelambiba ngesiZulu.Ubuye waziwe ngeloMsanka.Lona wumuthi omuhle kakhulu ekukhipheni izichitho ikakhulukazi isichitho sezintwala zeNgulube.Uye weqhathwe kakhulu noMvuthuza kanye neminye imithi,uyageza uyagquma futhi.Muhle kakhulu nasekuvikeleni izingane ezisanda kuzalwa,uzivikela emimoyeni emibi yabathakathi.Kuye kusebenze izimpande zawo ekuvikeleni izingane ezincane.Kuye kugaywe izimpande zoMnukelambiba zibe umqotho oyimpuphu oyoshiswa ushunqiswe kusihlwa,ushunqiselwa endlini lapho kulele khona uSana.Uxosha yonke imimoya emibi.Izimpande zoMnukelambiba zibuye zibiliselwe ukuphuzwa umuntu ohlezi eshaywa uvalo.Amacembe oMnukelambiba awumuthi omuhle wemikhuhlane,aye abiliswe abe yiSiphungo esiphungelwa imikhuhlane , esishisa nezilonda ngaphathi esifubeni,emaphashini,ezibindini njalo njalo.Amacembe oMnukelambiba asonyisiwe ayangena eMibhesweni yokuhanjelwa ingqondo.Izimpande zoMnukelambiba ziyangena emithini yokugeza iDlozi,ziyaphalaza,ziyagquma,kanti ziyageza futhi. Zingena kakhulu kweyaManzamnyama.Izimpande zoMnukelambiba ziyangena ezimbizeni zoMvusankunzi,zivula imithambo yemizwa . Ziyangena futhi naseNdukwini ephalazela ukwelapha umuntu osanganelwa yingqondo.Ziyangena entelezi echela ikhaya,ixoshe imimoya emibi.Kuningi okwenziwa uMnukelambila futhi kuhlaka-hlukene.

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande. 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo