Incazelo ngoMalala(uMcambalala)

 

,Nina abakaGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha, thina sisaphila kwaSOKHUMALO. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMalala igama , layo ibuye yaziwe ngeloMcambalala. INtelezi lena engena ezindaweni eziningi impela . Umsebenzi wayo wukulalisa , njengoba negama nalo lizisho.

ULalisani uMalala?


Nina beSilo uMalala ungena kweziningi izintelezi , uyangena kwezamacala . Ulalisa iMantshi ivele ikhathale , uMsolwa agcine ewudlile umhlanganiso . UMalala uyangena emithini yezitha , ulalisa izitha, wenza izitha zingakuboni. Uyangena nakwezamaPhoyisa , emithini yoPhunyuka, ulalisa amaPhoyisa ethuke wena usukade wedlula. Uyangena uMalala entelezi echela igceke , ulalisa zonke izinto zabathakathi. UMalala uyathakwa naseNdukwini yokusebenza indoda , imithi yedliso langenhla kanye nelaphansi . Udinga ukuthakwa kahle ngoba indoda ingagcina isiyiSithothobala sento esikhala ngisho noma sephucwe yinkukhu isinkwa esandleni , sikhale sibuke uMkaso. UMalala uyangena nasemithini echela izinduku zokungcweka. Kusebenza impande kule nduku.Isithombe sikaMalala sithathwe kuFacebook ka Mkhulu uGigaba Mntambo . Siyabonga kakhulu wena weSilo.

Niphile nina beNkonyane encane ka Ndaba edide imibala! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! #ISilo uZwelithini leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngempande …

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo