Incazelo ngeSiqophamithi (Woodpecker)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha sisaphila thina kwaKhumalo.

ISiqophamithi\Woodpecker.

Nina beMbube enamandla le nyoni eniyibonayo kuthiwa yiSiqophamithi ngesiZulu, ngesiNgisi kuthiwa yiWoodpecker. Le nyoni yaziwa ngokubhoboza iziqu zezihlahla ngenhloso yokwakha isidleke sayo ngaphakathi , noma ngokuzifunela ukudla nje ikakhulukazi izikelemu kanye nezinye izibungwana ezitholakala kwimimongo yemithi. Ziningi-ke izinhlobo zale nyoni , kukhona nezimhlophe qwaba ezingenalo nebala, kukhona nezimnyama bhuqe.Kanti nokwakheka kwazo akulingani. Le nyoni iyatholaka kuwo wonke amazwe omhlaba. Abezizwe zaseNtshonalanga bakholelwa ekutheni le nyoni iyinyoni yomoya phecelezi spiritual bird . Bakholelwa ekutheni uma ike yangena ekhaya kusuke sekuzoqhamuka impumelelo kulelo khaya. Abanye baze bayifunye nokuyifuya. Bakholelwa nasekutheni uma uke wayiphupha lokho kusuke kusho impumelelo , amathuba amasha , ukuvuleka kwezindlela njalo njalo . Bakholelwa kakhulu kulolu hlobo olumabalabala , yilona futhi abaze balufuye.


ISiqophamithi naboHlanga

AboHlanga nabo bayakholelwa kule nyoni . Nabo bakholelwa ekutheni uma umuntu eyiphuphile kusuke kubika impumelelo nokuvuleka kwezinto. Abagcini lapho. Le nyoni bayayisebenzisa nakwezeSintu. Isebenza kakhulu ePhehlweni lapho kuphekwa oThwasa. Ingena kakhulu kwimiBhemiso yokubhula yoThwasa neZangoma. ISiqophamithi siyangena nasemithini yokukhipha izinto ezafakwa abathakathi ekhaya. Siyangena futhi nasemithini yokudonsa ,kuMabhizinisi , kwezezimali njalo njalo .Iyangena le nyoni emithini yokuvula izindlela , uma izinto zakho zimile, zinganyakazi.

Niphile nina abeNdudumo yakithi eMgungundlovu. UVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo