Incazelo ngeDungamuzi \Euclea natalensis\Natal Ebony\Motlhakola:

 

Nina abakaSingquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza ! INzima yakithi ewukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo, amanz’odwa asal’ababaze!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMantungweni kungumhla weshumi nanye kuMbasa, onyakeni ka 2023. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa iDungamuzi igama lawo lesiZulu. Lo muthi sakhula kuthiwa ungumuthi wabathakathi, ngakho-ke iningi lethu laliyalelwa ukuba lingawuluthezi ukhuni lwalomuthi ngoba awubaswa. Njengoba negama lizisho , iDungamuzi lingumuthi omubi , odunga umuzi , umuthi wabathakathi. Kuthiwa abakhunkuli bayawuthaka emithini yabo abaphehla ngayo amanzi amnyama.  IDungamuzi alitshalwa ekhaya, futhi akumele libe seduze nekhaya, uma limile eduze nekhaya kufuneka ligawulwe , kukhishwe nezimpande, lilahlwe kude . IDungamuzi libuye libizwe ngeChithamuzi. NgeBotanicala name iDungamuzi libizwa nge Euclea natalensis . NgesiLungu iDungamazi libizwa ngeNatal Ebony. AmaBhunu wona alibiza ngeNatalghwarrie. Lena eVenda laziwa ngoMutangule-Thavha okusasho khona ukuchitha umuzi . AbeTswana bona balibiza ngoMotlhakola .

Lelaphani iDungamuzi?

IDungamuzi lingumuthi omkhulu othinta izifo ezithinta igazi . Ngingasho nje ngithi linguthi omuhle wokuhlanza igazi , njengoMthunduluka, iNhlokoshiyane , njalo njalo . Amaxolo eDungamuzi angumuthi wezinduna , isilumo, izinhlungu zefindo njalo njalo . Aye abiliswe abe yiMbiza ephuzelwa ukwelapha izinduna ebusweni, okwehlisa inhlungu yefindo kowesifazane uma esefindweni, ukudambisa inhlungu yesilumo. Le Mbiza inhle kakhulu nasekucimeni izilonda ngaphakathi , emaphashini, ezibindini , esinyeni njalo njalo . Amaxolo kanye nezingaxabu kubuye kuchathele izinhlungu zefindo , ezesilumo njalo njalo. Kuye kusebenze iDungamuzi elilandwe kude hhayi eduze nemizi.

Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngekhambi.

 

IDungamuzi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo