Incazelo ngoMhlonishwa \Psoralea pinnata\Bloukeur\Fountain bush :  

 

Nina beSilo sakithi eNaleni uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo ayigwebi ichoma ngazo zombili! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMhlonishwa igama lawo lesiZulu. NgesiBhunu ubizwa ngeBloukeur , noma Fonteinbos, noma Penwortel . NgesiNgisi ubizwa ngeFountain bush . Kanti iBotanical name yawo kuthiwa Psoralea pinnata .

Wenzani uMhlonishwa?

UMhlonishwa uwumuthi omkhulu wokuhlonishwa. Ungena kakhulu kwezesikhundla, uye uqhathwe kakhulu nomngane wawo obizwa ngoSikhundla. Banawo uSikhundla laphayana eFaradeyi , uma ufika kubona kubo uthi ‘ufuna umuthi obizwa ngoSikhundla’, bazokunika. UGogo uMaNtuli  ngasezindlini ezincane unawo mningi kabi. USikhundla noMhlonishwa imithi ejwayele ukuhamba ndawonye. Ekwakheni ukuhlonipheka uMhlonishwa uye uphalaze , ugqume , ugeze uphinde ukhafule. Umehluko phakathi koMhlonishwa noMnyamathi{uMathunzentaba} wukuthi uMnyamathi wona wakha isithunzi kangongokuthi umuntu ugcina esatshwa abantu , kanti uMhlonishwa wona wakha ukuhlonipheka okuhamba nokuthandeka. Ingakho namaSoka ewuthanda uMhlonishwa, ayawuthaka eNdukwini yawo yobusoka , wenza intombi ivele ilihloniphe isoka. Ithi uma ilibuka ivele ibone uBaba wayo, kangangokuthi ize ilibize ngangoYise uma bekhuluma, ithi Baba. UMhlonishwa uyathwakwa kwezokuhlonipheka , nakwezokukhushulwa emsebenzini. Umlungu ovele amethwale ngeQoma umuntu odle uMhlonisha. UMhlonishwa uthakwa emithini emhlophe esingabala kuyo uVumakubangoma omhlophe , iNingizimu, uMadlozana{uMlulama}, iNhlanhlemhlophe kanye neminye. Uyangena nakwezamacala, iMantshi ivele ikuhloniphe , ugcine uwudlile umhlanganiso , walinqoba icala .Kwezobusoka muhle kakhulu uma uzothi chatha noBuvimbo noma uLozilina. UMhlonishwa uhlonishwa uze uhlonishwe nayiZulu, uma liduma kuye kushiwe impande yawo eyomile oDengezini, lubekwe emnyango. Lwehle ulaka lweZulu.

Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.. Niphile nina abakaVezi kof’abantu kosala izibongo , yizona ezosala zibadabula! Yizona ezosala zibalilela emanxiweni!

 

 

UMhlonishwa

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo