Nina abeKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu ! UZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! USinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu!!
Nina beSilo ngiyayibingelela yonke iNgabade , enhla nasezansi. Ngethemba basaphila abeSilo , cha thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uBande lwamaNdawe ngesiZulu. ngesiBhunu kuthiwa -Natalse Baakhout . IBotanical name yawo kuthiwa iGreyia sutherlandii. NgesiNgisi kuthiwa i Natal Bottlebrush . Lo muthi ngesiXhosa ubizwa ngo umBere-bere .
Lwenzani uBande lwamaNdawe?
Nina beSilo lona umuthi usetshenziswa kakhulu ngabantu bemimoya , ikakhulukazi iZangoma noThwasa. Kahle-hle uma kukhulunywa ngomNdawe kusuke kukhulunywa ngeDlozi langasohlangothini lukaMama , iDlozi lakoMalume , kuthiwa linomusa. Lo muthi unamakha anuka kamnandi uma uwuhogela. Ungena eMibhemisweni yeZangoma noThwasa, kuthiwa uqeda uKhwantalala. Baye bawubaze kahle bawenze ukhunyana abalubhema lapho bephethwe uKhwantalala. Lolu khuni luhle kakhulu uma unenkinga yokunkenkethwa yikhanda , ikakhulukazi ikhanda leDlozi . Luye lushiswe bese kuhogelwa intuthu yalo. NeZangoma nazo ziyalubhema lolu khuni uma ziphethwe wuKhwantalala, ziyaluthaka nakwiMibhemiso. Ezinye iZangoma zilukhonzile nje lolu Khuni , ziyalubhema nje kungonakele lutho , luthathe indawo yeSinemfu. UBande ngingasho nje ngithi umuthi uxhumene kakhulu nabantu bemimoya. Ngaphandle kokusetshenziswa kakhulu iZangoma uBande luwumuthi omuhle kakhulu kwiMfiva. Kuye kusebenze amacembe , aye aphekwe abe iSiphungo esiphuzwa sisashisa , kuye kugqunywe ngawo. Namaxolo nawo aye aphiliswe abe iSichongco neSiphungo semikhuhlane edala ukushisa nokuzwela amakhaza, Umqotho wempande yoBande uyimbiza ekhipha kakhulu, ehlanza isisu ikhiphe konke okungcolise esiswini.
Khumu!!!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi. Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.. !