Incazelo ngomNdiki, umaNdawe, amaPhupho, imiNdawu,aBalozi kanye neminye imimoya:

 

 

Nina bakaZulu zizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade . Nina beSilo ake sibheke izinhlobo zemimoya, kanye nezifo ezimbalwa ezibaphazamisa kakhulu abantu abansundu ikakhulukazi enzalweni.

AmaNdiki:

Lona umoya omuntu ongasekho kodwa owafa kahle,owafa egulile. Umoya weNdiki unesikhwele kabi, uyayivimba inzalo. Abanye abantu bayawuphikisa lo mbono bathi umoya weNdiki umoya womuntu owafa ngengozi noma owafa ebulawa. Eqinisweni umoya weNdiki wumoya wedlozi lesilisa noma ngithi iDlozi langasohlangothini lukaBaba elinesikhwele futhi elitetemayo. Lifuna ukubikelwa yonke into eyenzakayo emuntwini elimqhwakele. Uma intombazane igana liyabikelwa, uma lingabikelwanga livele lehle liye eSibelethweni, lidle yonke into eyinzalo. Agcine umuntu eyinyumba kanti yilo iNdiki. Lo moya uzozidla izingane kuze kube uyabikelwa ngendlela yakhona. Umuntu onomoya weNdiki ubonakala ngokuphathwa yikhanda elingapheli elihlula ngisho ukhuni olubizwa ngokuthi u’Bande lwamandiki namandawe’. ‎INdiki linolaka, uma umuntu elisuke limngenile engowesilisa futhi engafuni ukwenza lokho elikufunayo livala izindlela zakhe, livale amaShishini , imali nayo yonke into enhle. Kwesinye isikhathi limsanganisa ikhanda , noma limgulise ngesifom esithile , kuvamise ukuba izinyawo ezivele zinkenkethe futhi zidumbe kuze kube lowo muntu wenza lokho elisuke lifuna ukuba akwenze.

AmaNdawe:

Umoya wendawe wehlukile emoyeni weNdiki. Lo moya wona awutetemi, ungumoya ongenaso isikhwele njengeNdiki futhi awudingi izinto eziningi. Kuthiwa  umoya weNdawe umoya wogogo abadala asebashona. Leli yidlozi lesifazane kokunye yidlozi lakoMalume. Kuthwa iNdiki nalo liyasivala iSibelethoi uma lingenzelwa lutho. Kodwa lona alinalo ulaka njengeNdiki. Lemimoya ivame ukuhamba ndawonye (amaNdiki namaNdawe). Ziyefana nezinkamba ezidliwa  yile mimoya ‎yomibili iNdiki neNdawe. Uma lo moya weNdawe ungenzelwa lutho ubonakala ngakho ukuvala inzalo. Ukuze umuntu wesifazane amumathe kudingeka ukuba kucelwe kubo ogogo labo namadoda amakhulu, bancengwe baze basuke eSibelethweni. Umuntu ongasalenseli kahle iNdawe uphathwa iSinye. . Le mimoya idinga ukwethulwa kulowo emqhwakele. Iyethulwa ngokugxotshelwa imithi enjengoMphenduli, uBhubhubhu, uNgqengendlela, iZaza, uMazulazayithole{uMtholo}, izingxabu zeBhinini,uMavulakuvaliwe,iHlalanyosi, noQhume{uMfazothethayo}. Leli gobongo uyalethweswa ekhanda umNdiki noma umNdawe. Liphehlelwa khona ekhanda elithwele, ingani kwehliswa amadoda amakhulu nogogo abahlala ekhanda nasemahlombe. Kuleli gobongo kufakwa izinzwani zeQhude elibomvu noma elimhlophe ,noma ngabe ucelelwa inzalo  kwenziwa njalo.

AmaPhupho:

Umoya wamaPhupho nawo uyayivala inzalo. Omunye umuntu uphupha ehujwa yinkunzi emnyama enkulu, uma kukhona obesekunamathele kuzokonakala kuchitheke. Omunye umuntu uphupha ejahwa yizinja nazo ziyasikhipha isisu, kokunye kube amanzi umuntu aphuphe ezama ukuwela umfula ogcwele isisu sivele sichitheke.

AbaLozi :

Lo moya uthathwa njengomunye wemimoya enamandla lapha kweleNgabade. ISangoma esibhula ngaBalozi kuthiwa sishaya emhlolweni , kuthiwa siyakwazi ukubona umuntu eseza ekudeni . Kuthiwa uma uzobhula kumLozi akudingeki ukuba umtshele igama kanye nesibongo sakho . Kuthiwa nguyena otshela wena igama kanye nesibongo sakho nanokuthi usukaphi , ulethwa yini eSigodlweni sakhe. Indlela aBalozi ababhula ngayo kuba ukukhala kwezinyoni ophahleni lweNdumba , kube sengathi izinyonyana ezihlaba umlozi. Bese yena ehumusha kulowo osuke ezohlolelwa, asho athi ‘bayakubingelela abantabadala, bathi unjani ‘ njalo njalo . Kuthiwa  bakhona aBalozi bokuzikhandela , kuthiwa bakhandwa ngezidleke zoCilo , noma ngokugcatshelwa amafutha eGalukuni emahlombe .Bese lowo muntu ogcatshelwe  ephahlelwe iGobongo  . Kuthiwa  lithi lishona nje ilanga lishona eseyiSangoma esishaya emhlolweni.

Umoya womNguni:

Anginalo ulwazi olutheni ngalo moya kodwa ngike ngizwe kuthiwa iZangoma ezinomoya womNguni yilezi ezichitha amathambo.

Umoya weNkosazana yamanzi :

Nawo lona anginalo ulwazi , kodwa bathi uyephana kakhulu ngemali nangomnotho uma wenzelwe kahle.

Umoya weNono noma woMnono:

Uma kukhulunywa ngeNono kusuke kukhulunywa ngomuntu wesilisa  oyiQhathanzipho , iGcokama, umuntu ohlezi egezile , ozithandayo. Anginalo ulwazi olutheni ngalo moya kodwa ngike ngizwe kuthiwa iNono yilomoya ongena kakhulu kuBathandazi , nakoZayoni.

Umoya weNzuzi\iNzuza:

Nawo lo moya anginalo ulwazi olutheni kodwa bathi lona umoya wasemanzini. Bathi ukhushulwa ngamaPhakama , iPhakama lasoLwandle, elaseManzini , iZibu kanye nezinye iziNduku. Miningi imimoya ngoba kukhona iNtshomane, iSithunywa, iHhosana njalo njalo. Yonke leyo mimoya inezindlela zayo zokuyikhuphula. Eminye yazo inolaka ifuna umuntu abhaduzele ngoCetshwayo phansi, wafaka izicathulo uvele uphathwe izinyawo.

Umoya weZizwe / umoya wemiNdawu:

Lena imimoya yokuhamba,imimoya yaseNyakatho, imimoya yamathonga.Imimoya yemiNdawu yehlukile emimoyeni yamaNdawe. ImiNdawu ibuye ibizwe ngeZizwe. Lemimoya ayidabukanga kwaZulu. Le mimoya iyafakwa kumuntu. Umuntu emvukile uyabhonga, ahayize, akhulume ulimi lwesiNdawu nokuwulimi olukhunywa eXai Xai, nakoMamboni  eMozambikwe kanye naseChipinge eZimbabwe. KwaZulu kuthiwa yafika ngokuthunyelwa izinyanga zeSilo sika Gasa uSoshangane Nxumalo ziphosa amaZulu ngeZizwe. Lolu hlobo lwemimoya belungalapheki kodwa seluyalapheka ngoba amaShangane asemaningi kweleNgabade, afika nekhambi lokubhamisa iZizwe. Namuhla abantu baphosana ngazo iZizwe , ezibuye zibizwe ngemiNdawu , noma ngaMafufunyana.

Umuthi weMitombo / weMithombo:

Imitombo imithi okugcotshelwa ngayo amagobongo amaNdiki namaNdawe, uMphenduli, iMpumelelo, uMazulazayithole(uMtholo), uBhubhubhu, izingxabo zeBhinini, umavulakuvaliwe, iHlalanyosi noQhume{uMfazothethayo}. Kuleli Gobongo kuconsiselwa nenyongo yembuzi. Leli Gobongo libaba njengesibhaha. Lo onemimoya enzelwe isiphandla ngayo lembuzi. Uyabhuda njengesangoma izinsuku eziyisikhombisa edla le mithombo, egquma, ephalaza, echatha, egeza encinda. Zithi ma seziphelele izinsuku akhishwe njengodwendwe akhishwe ngehubo lamandawe eya emzini.Iyaganiswa phela imimoya.

UMhluma:

Kungebe ngamaNdiki namaNdawe wodwa  avala inzalo kodwa noMhluma nawo ungadala ingozi uma unganakiwe, ungakudala ukungazali, nokufa imbala. UMhluma isifo esesiqede abantu. Sibonakala ngokukhipha amanzi ngaphansi anukayo futhi kuyaluma ngaphansi. Umuntu esesimphethe ubonakala ngokukhohlwa. Uyagula agcine ngokufa umuntu ophethwe uMhluma . Kungeke kwenzeke ukuthi umuntu ophethwe uMhluma abambe isisu. Kanti nalo ucansi lolu akaluthokozeli. Abantu besilisa  abahlali kowesifazane ophethwe uMhluma,baxoshwa iphunga elingelihle eliqhamuka ngaphansi. Kanti nabo abesilisa uyabaphatha uMhluma. Nakuba uMhluma uzwakala uyinto ejulile kodwa uyelapheka uma uhlaselwa nawo usahlasela. Welapheka kalula uma etholakele umuntu owazi ukuwelapha. Umuntu ogulayo ufakwa umphuphutho. Ulashwa ngezingxabu zeNsikane, uXhaphozi,uMhluma,  iBhuma nodaka lweNkalankala. Kuxutshwa noTalibombo neMizi ‎. Kubiliswa ndawonye kubekwe kube isichongco esiyisiphungo aphuze ogulayo, achathe kube uphelile uMhluma.

Khumu!!!!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi:::

Niphile nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyakufa uMdlebe kwaSoshangane!!!

 

INgwe, abantu bakwaZulu bahloba ngayo.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo