Incazelo ngeNsele\Cape ratel\Honey badger\Matshwane\uLinda:

 

Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?

Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade  kungu mhla weShumi nambili kuApreli{uMbasa} , onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beSilo , cha thina sisaphila eMantungweni. Nanso-ke iNsele nina beSilo . Nina beSilo iNsele ingesinye sezilwane ezingenayo emakhambini ashunqisela ingane esanda kuzalwa. Yebo yona iyisilwane saseMangweni kodwa , iyasetshenziswa nakwezinye izibongo. INsele isilwane esihloshwa ngabantu baseMangweni, oZwane , oNsele, oLinda. oHudla, oNdiweni, oCebekhulu kanye nezinye izibongo zaseMangweni. Isilwane iNsele sibuye sibizwe ngoLinda , omabili lamagama ayavela olibeni lwamakhosi aseMangweni. Lokho kusho khona ukuthi iNsele impela iyisilwane sakhona eMangweni. INsele ngesiSwati ibizwa ngalo igama leNsele. NgesiNdebele ibizwa ngoLinda. Ngolimi lwesiVenda ibizwa ngeTsheselele. Kanti lena kwaSoshangane amaTsonga ayibiza ngeXidzidzi. AbaTswana bayibiza ngoMatshwane, noma ngoMagogo, noma ngomaMagogwe , noma ngoMagwagwe. Lena kwelaseZimbabwe amaShona ayibiza ngeSere , noma ngeTsere.NgesiLungu iNsele ibizwa ngeRatel , noma Honey Badger. NgesiBhunu iNsele ibizwa ngeRatel . INsele iyizinhlobonhlobo , lena eyalapha ekhaya eNingizimu Afrika ibizwa ngeCape ratel. Ezinye izinhlobo i-Indian ratel, Nepalese ratel, White -backed ratel, Black ratel , Lake Chad ratel kanye nezinye izinhlobo. INsele idume ngokutapa izinyosi , idle amakhekhe ezinyosi.INsele idla nezinyoka , kanti futhi iyazibulalela lezo zinyoka. Ibulala nezinyoka ezinkulu impela esingabala kuzo neziMamba.  INsele iyasiqinisa isikhumba lapho ihlaselwa ,okwenza izinyo lesilwane esiyisitha lingangeni , ngisho nezinyo leBhubesi impela alingeni esikhumbeni seNsele uma isiqinisile.Nezinyosi azikwazi ukuyitinyela.  Lapho ilwa iyakhukhumala , inyuse izinyawo ibe yinde , ngalowo mzuzu isuke iqinise isikhumba . Ngisho nezinyo le Mamba alingeni esikhumbeni seNsele uma isiqinisile, ngaphandle -ke uma kungukuthi iMamba igadle ngenkathi iNsele ingasiqinisanga. Kukhona nokho abathi iNsele igomekile , kodwa mina angiboni kuliqiniso lokho. Uma ukudla noma kukuningi, noma into enhle iningi , kuye kuthiwa “Zimbiwe yiNsele yazishiya”kususela esenzweni seNsele sokumba izinyosi bese idla amakhekhe ambalwa maqede izishiye kanjalo izinyosi  abantu basale bezithathela.

INsele kwezaMakhathakhatha::

INsele iyisilwane esincane kodwa esilwa ngendlela exakile. Ixosha ize ixoshe nezilwane ezinkulu ezifana neNgwe. Ayihlehli uma ilwa, ilwa iya phambili. Lokho kwenza iNsele ingene kwezokulwa. Ingena eMabhandeni okulwa, kwezokungcweka eMgangeleni , kwezokushaya iSibhakela njalo njalo . INsele iyangena futhi nasemithini yokuqina. INsele ibuye ingene nakwezokudonsa, kwezamaBhizinisi , liyaqina iBhizinisi elisetshenzwe ngeNsele ,lisimame. INsele iyangena nakwezokuqinisa izingane , iye ithakwe nezinye izilwane kanye neminye imithi . Ingena naseZincwebeni.

Ake ngime lapho nina bakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla , kanti ngizifaka iLoyi esiswini, uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunge ngamanye aMakhathakhatha::

Cooper Honey badger\INsele \uLinda

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo