Incazelo ngoPhondo lukaBhejane \Sansevieria cylindrica Boyer

 

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! IGwija likaMdlaka ligwegwe liyez’abasini bengoma!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beMbube eshoba liyisilikithi lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uPhondo lukaBhejane ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa iSansevieria cylindrica Boyer , lona wumuthi owela emndenini yemithi eyaziwa ngokuthi ‘ama-African Spear Plants, iningi layo okuyimithi etshalwa ekhaya ukuvikela izithunzi ezimbi kanye nezinyoka. Kuleyo mithi singabala neSikholokotho phecelezi Snake Plant. Njengaso iSikholokotho , noPhondo luka Bhejane luzinhlobo ezimbili , kukhona uPhondo lukaBhejane lwasendlini kanye nolwangaphandle. Lolu olusesithombeni olwangaphandle.

UPhondo lukaBhejane::::

UPhondo luka Bhejane luyiNkunzimalanga yeNtelezi . AboHlanga balusebenzisa kakhulu ngokulutshala ekhaya egcekeni. Luhle kakhulu ekugadeni abathakathi kanye nezinto zabo zobukhunkuli. Lo muthi ucishe usebenze njengeSigqiki soMkhovu. Muhle kakhulu uma uwutshale noMathithibala kanye neShaladilezinyoka. Akukho muthi osebenzeayo lapho kutshalwe khona le Nduku, yebo abakhunkuli bengawaphosa amabhodlelana abo egcekeni kodwa ngeke aze asebenze. Izinduku zoPhondo lukaBhejane zibuye zibe wumuthi omuhle wamanxeba , ziye zibilise zenziwe iSiphungo esiphungwa umuntu olimele , ikakhulukazi olimalele ngaphakathi ngenxa yokushaywa , noma ngenxa yengozi. Izinduku zoPhondo lukaBhejane ziwumuthi omuhle ophalazela ukucisha izibhobo , kanye nokuxosha imimoya emibi. Ziyangena nasentelezini echela ikhaya , kanye nasentelezini echela imfuyo .

Khumu!!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi. Niphile nina baka Hlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana!

UPhondo luka Bhejane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo