***Izithakazelo zakwaMsezane /Mashoba*****
-Mashoba!
-Vezi Ngokuvez’ amanzi!
-Wena owaphuma’ esiqwini soMganu kwaphuz’ abafo nabafokazane!
-Ntumbese kaPhothela!
-Nina besandla esibuyekeyekana!
-Skhuba abandi abathekeli!
-Nina eningathekeli nto yamuntu!
-Nkomo kazephusi zisengwa ubusika nehlobo!
-Mgidi kaNgonyama
-Wena kaNtaba emil’ umhlanga!
-Nina bentab’ emile ekhanyisel’ eNingizimu,
-Evimbil’ eNyakatho
-Nina bezandla ezishile ngokuzosela
-Mashob’ ezithole!
#Ulibinda Nkosi!!