Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Mzila

Mzila Mawewe Nyambane Zilinkomo Khuzwayo Wena kaMpongo Wena kaDadasi Wena kaLinqe Wena kaGwijo Wena kaVavo’khulu Osinge untimbili lwavungama Nina bakwaSihole macala kobebe Khamba olukhulu lwaseNtanjeni Nina bakaNothobela Wowoza kaMboco Nina enagqiza ngeShongololo Abanye begqiza ngobuhlalu Msil... qhubeka ufunde »

Mbuli

Lindisa, Makhunga, Gujwayo, Nongombili, Dungamanzi, Njenge nkosi, Ndlolothi edliwayo njenga mabele Wena silima sakwaNontekela Mlawula           Osesithombeni uMama uLetta Mbuli unguMculi

Gabuza

Gumede onhlokonhle Qwabe Mpangazitha Malandela Ngokulandela izinkomo zamadoda Nonombela kaMafuyanduna Khondlo Phakathwayo Godolozi Vezi Mnguni Mfumbathi wemvula Magaya isicaba sibe sinye Malandela ngokulandela izinkomo zamadoda Nqenqema kaNozitombo Shiyampahla ulandele intombi Khuzwayo Nina bakaSidl... qhubeka ufunde »

Mbokazi

Mbokazi Donda Sontuli Nzimase Magembe Hlumakazi Lwandle aluwelwa Luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini Uphangela koBhongo koQhoqhoqho UMlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana Hlumakazi kaMdaka UMdaka usezintangeni Wena oweSephulamuthi uphekiwe endlini kwaMantombase AbakaPhangela abaphange... qhubeka ufunde »

Manqele

Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle, Mthonga weNdlovu, Mpangazitha oziphangayo, Mtholo, Mahloko, Diza kaMatoto, Mkhawulez’ukuwela, Mlotshwa, Mahloko, Phakathi kaMhawana, Sgagu,Donda Khethankomo, Mfolozi emnyama inkethabaweli, Sthanda, Mnkonyeni, Wena wembange, Wembangalala kankomo elala... qhubeka ufunde »

Mandela

Dlomo Sophitsho Ngqolomsila Yem Yem Vela bambhentsele Zondwa                   Osesithombeni ngoyanguMengameli wakuleli uBaba u-Nelson Mandela . Aah ! Dalibhunga!!

Madikizela

Ngutyana Msuthu Msengeshe Nqwanda Phapha Makhalendlovu. Omalandlelwa yintombi ithi ndizeke noba awunankomo. Osesithombeni nguMama uWinnie Madikizela-Mandela (ongasekho) owayeyisishoshovu soMzabalazo

Cwele

Cwele Thokazi, Mabada, Mayaba Wena kaMaxoza, Sululu, Mjekevu, Msuthu, Ndlumhlophe, Mdidi onohlonze

Khalishwayo

Mhlophe, Mathunjwa, Ndandaza uphoso, Weno ka Soshabeni, Wena ka Mnikulugede singakaze sibone zinikwana

Dlodlo

Dlodlo Mqhube Mabanga Mpangazitha Hhamu onjengejele Wena kaNongula Nina enadla iscaba sisinye nasidla ngokwabelana Mthiyane Nobanda Mabanga           Osesithombeni nguCleopas Dlodlo (ongasekho) uMdlali webhola owayevela kwaBulawayo eZimbabwe

error: Akuvumelekile lokho !!