Izithakazelo zakwa-Ngcobo Mapholoba, Nyuswa, Fuze, Mavela, Mafuz’afulele njengefu lemvula, Mashiya amahle ngath azoshumayela, Dambuza, Mthabathe, Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela, Malal’efake umunwe endunu, Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga, Mavulankungu kuvel’ilanga, Sididane, ... qhubeka ufunde »
Mbovu, Somahhashi Nyoniyezwe Nomafu,Myaluza, Ngcukumane, Zikode elimhlophe, Matomela, Nzombane,Ngogozabantu, Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo, Ndoda kaNyamazane, KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane, Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba, Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ... qhubeka ufunde »
Phehlukwayo Chenge Mbumba Nyawo zimhlophe Joba
Mgilitsha! Nyanganduna! Masomane! Ngubo yengwe neyengonyama Mbambo zenyathi Malinga! Owalinga izinkomo zenkosi Mancwanga! Nyawo zimhlophe.
Mahlobo, Mshazi Debelimdaka, Bomvula. Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama Nozishada kaMaqhoboza Owaqhoboza izinkomo zamadoda UMajiya kaDiniZulu kaMsuthu Mudli
Nyandeni Mashobana Vumisa kaNgono Khukhuza kaNgonyama Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose Wena waseNdinaneni
Yengwayo, Mageza, Lajani, Vezi, Phaphe, Mahlabezulu, Nkundlande, Ngubeni, Golela Nina enala ukudla umlenze wakwaBulawayo Nathi ngumlnze wankomoni lo? Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome ? Nkomo ebomvu eyavula inqaba ngezimpndo kwelaseNgome Bantwana benkosi Mantungwa amahle