Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ngobe

Ngobe Khathide Mlombo, Vilivili, Mbasela, Mthontela ngokuthontela izintaba zoBombo! Wena waseNgwede neNgwavuma! Ziyane!!! Hluvane Sishongo asishi Nonhladane Wena owadla udadewenu Wathi akananyongo akanamhlehlo Manxeba alungelene Wena owafika ezitheni wagqayingana Okwamabele ensimini yendoda edonda u... qhubeka ufunde »

Nyembe

Thwala Skhandisa samakhosi Thwala loMzimkhulu Mnyamande Mkhont’oduma njengezulu Inzimakazi engenazimpondo Ingaba nezimpondo iyahlaba Ithala lomkhonto liseManyamandeni Nhlangothi zimanxebanxeba Wena kaMlamulankunzi ongaziyeki zibulalane Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu Mnyango kawuvalwa Uvalw... qhubeka ufunde »

Ndlela

Ndlela kaBayeni, Msamanzi Mbicini Manzaluthuli Khethankomo Ntshangase Wena ka Lugogo Mathabatha Zindela Njakunye Hlabisa abadlula ngendlela Caluza Mnguni Ndlela Nina enawela uThukela neMpofana Madida     Osesithombeni nguLungisani Ndlela owayengumdlai webhola edlalela iqembu le Moroka Swal... qhubeka ufunde »

Nyawose

Nyawose Mntungwa Bhodlankomo Lukhungo Wena owehla ngesilulu Upheth ikhathazo lokukhathaz’ amadoda Nzipho zinde ziyabhala ziyadendebula Ntungwelihle elincwaba Gwaza ka Mahlashana Mzileni Dabile Mntungwa ka Mbulazi Mzileni ka Mahlashana

Nsindane

Mbhense Owabhensa eSihlanjeni Nyathi emnyama kaNomandla Nomandla Nozulu Nsindane osinda ngobethole Mbhense Owabhensela esandleni soMutha

Nyawuza

Faku Ngqungqushe Nyawuza Thahle ka Ndayeni Chitwayo Bhala Gangatha Ciya Cabe Ncidisa Msiza Tobe Ziqelekazi Hlambangobubende Santsabe Muthwa Sithula Mpondo Njanya Sibiside..

Ndaba Bhadela

Laba bantu bakwaNdaba Bhadela batholakala kwaXhosa . Indabuko yabo ikubantu baseMantungweni oMabaso noKhumalo. Laba bantu bakwaNdaba Bhadela abahlobene nabakwaNdaba abatholakala KwaZulu. Eqinisweni isibongo sakwaNdaba sihlukene kaningana , kukhona oNdaba abangoMthiyane , kukhona oNdaba Ligode , kukh... qhubeka ufunde »

Ndinisa

Ndinisa Mafukela Mzomba Msibekeli Wena owasibekela inkosi ngothuli Amazomba ayakhethana maseyebandla Kwasukama uDludlu kwahlala uNkalakatha Intuthwane encane ngokubhala amadoda IBheje elibovu lakoThuliswayo Mlaba Mbhobho ka Bikwayo Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo Ndlela zinomswani njengeze... qhubeka ufunde »

Ngonyama

  Ndlovu Gatsheni Boyabenyathi Buyasonga buyasombuluka Ntshozini MaBhaca amahle Mthiyane ngokuthiya amadoda emazibukweni Nina bakwaDemezane iNtombazane Nina bakaMpongo kaZingelwayo Ndlovu zidl’ekhaya ngokweswela abelusi

Ndlovu

Gatsheni, Boya benyathi, obusonga busombuluka. Mpongo kaZingelwayo. Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya,ngokweswel’abelusi, Zaze zeluswa intombi uDemezane, Nina bakwaKhumbul’amagwala, Nina bakwaDemezane Ntombazane, Nina bakwaS’hlangu sihle, Mthiyane! Ngokuthiy’amadoda emazibukweni, Nina bakwaMdubu... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!