Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Nyawose

Nyawose Mntungwa Bhodlankomo Lukhungo Wena owehla ngesilulu Upheth ikhathazo lokukhathaz’ amadoda Nzipho zinde ziyabhala ziyadendebula Ntungwelihle elincwaba Gwaza ka Mahlashana Mzileni Dabile Mntungwa ka Mbulazi Mzileni ka Mahlashana

Nsindane

Mbhense Owabhensa eSihlanjeni Nyathi emnyama kaNomandla Nomandla Nozulu Nsindane osinda ngobethole Mbhense Owabhensela esandleni soMutha

Nyawuza

Faku Ngqungqushe Nyawuza Thahle ka Ndayeni Chitwayo Bhala Gangatha Ciya Cabe Ncidisa Msiza Tobe Ziqelekazi Hlambangobubende Santsabe Muthwa Sithula Mpondo Njanya Sibiside..

Ndaba Bhadela

Laba bantu bakwaNdaba Bhadela batholakala kwaXhosa . Indabuko yabo ikubantu baseMantungweni oMabaso noKhumalo. Laba bantu bakwaNdaba Bhadela abahlobene nabakwaNdaba abatholakala KwaZulu. Eqinisweni isibongo sakwaNdaba sihlukene kaningana , kukhona oNdaba abangoMthiyane , kukhona oNdaba Ligode , kukh... qhubeka ufunde »

Ndinisa

Ndinisa Mafukela Mzomba Msibekeli Wena owasibekela inkosi ngothuli Amazomba ayakhethana maseyebandla Kwasukama uDludlu kwahlala uNkalakatha Intuthwane encane ngokubhala amadoda IBheje elibovu lakoThuliswayo Mlaba Mbhobho ka Bikwayo Mazalankosi azala uDlambula azala uLubelo Ndlela zinomswani njengeze... qhubeka ufunde »

Ngonyama

  Ndlovu Gatsheni Boyabenyathi Buyasonga buyasombuluka Ntshozini MaBhaca amahle Mthiyane ngokuthiya amadoda emazibukweni Nina bakwaDemezane iNtombazane Nina bakaMpongo kaZingelwayo Ndlovu zidl’ekhaya ngokweswela abelusi

Ndlovu

Gatsheni, Boya benyathi, obusonga busombuluka. Mpongo kaZingelwayo. Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya,ngokweswel’abelusi, Zaze zeluswa intombi uDemezane, Nina bakwaKhumbul’amagwala, Nina bakwaDemezane Ntombazane, Nina bakwaS’hlangu sihle, Mthiyane! Ngokuthiy’amadoda emazibukweni, Nina bakwaMdubu... qhubeka ufunde »

Ndlovu (Mthombeni)

Gegana Bulembu Mthinti wamahashi Intomb’ethombela emlenzeni ezinye zithombela emfuleni Ndebele/Tebele Musi ka Mhlanga Mthombeni ogega ngomlambo Makhandane Mbizeli Mbokwane Ndlovu.   Labo oNdlovu abatholakala eZimbabwe , abahlobene noNdlovu oGatsheni . Umlando walaba bantu uxhumene kakhulu... qhubeka ufunde »

Ntshangase

Ntshangase, Mgazi, Menziwa, Njezi ka Xhoko! Ndabezitha! Mvundlane wasoKhabeni, Mbeng’osinda abosi,..

Ndlanzi

Mningi Sohlaza Mthiyane ngokuthiya amadoda Mqedi Wena waseMandlanzini Mphangwa

error: Akuvumelekile lokho !!