Ngobe
Khathide
Mlombo,
Vilivili,
Mbasela,
Mthontela ngokuthontela izintaba zoBombo!
Wena waseNgwede neNgwavuma!
Ziyane!!!
Hluvane
Sishongo asishi
Nonhladane
Wena owadla udadewenu
Wathi akananyongo akanamhlehlo
Manxeba alungelene
Wena owafika ezitheni wagqayingana
Okwamabele ensimini yendoda edonda ukulima
Ngobe sabela uyabizwa ezitheni
Osesithombeni unguMnu Tshathugodo Ngobe onguMsakazi woKhozi FM
Ngyabingelela sengizame kaningi kuthola umlando wakwaNgobe,kodw akqqhamuki ohlwini lakho,mangiphenya kuqhamuka izithakazelo zodw
Siphezu kwawo Ziyane , uzongena kungekudala
Siyabonga