Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphisa bakhumbule amaGawu abebesi! UKlebe engibone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala. UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!#ISilo uShaka leso ! Ngethemba bsaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa iMbune ngesiZulu. Le Nduku ibizwa ngeMbune ngoba uma uyithinta amacembe ayo -ayabuna . Noma uma ithintwa ngesinye isihlahla uma kunomoya, nakhona ayabuna, kuze kuwe namagatshana awo alale phansi kwazise awukhuli okuyaphi. Le Nduku ibuye yaziwe ngelikaMayife.
Yenzani-ke iMbune?
Nina beSilo lo muthi ungena kakhulu eNdukwini embi yokucupha umuntu osuke uthandana naye. Lo muthi nina beSilo uwisa iNduku yeShende lowesifazane osuke esetshenzwe ngawo, njalo uma lizama ukulala naye ivele iwe iNduku. Kanti futhi naye owesifazane uyakwazi ukucupha indoda yakhe ngawo lo muthi iMbune.Njalo uma izama ukulala noMakhwapheni kuvele kuwe iNduku . Kanti futhi le Nduku ayisali uma kukhandwa iLumbo loCansi. Ayisali futhi eNdukwini elelaphayo. Muhle kakhulu lo muthi nina beSilo ekwelapheni amaLumbo ocansi. Umandla kakhulu ekwelapheni amaLumbo agolozayo ukwelapheka, ugijima kakhulu noNkunzana. Kulo muthi kusebenza kakhulu amacembe kanye nameva, kufuneka usheshe uwusebenzise kwazise uwumuthi osheshe ubune .
Khumu!
Niphile nina abeNgondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.
