Incazelo ngeMpangele ( Helmeted Guinea-fowl)

IMpangele

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UNdaba omuhle kakhlu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe !#ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha sisaphila thina kwaKhumalo. Nina beSilo le nyoni eniyibonayo kuthiwa iMpangele igama layo.Ikhula ilingane neNkukhu. Iyahlupha le nyoni , iphanda izinhlamvu zommbila uma kade kulinywa. Inyoni yaseNdle lena , nokho kulezi nsuku zanamuhla sebekhona abayifuyayo nasemakhaya. Inhle le nyoni nina beSilo , njengoba niyibona nje, eNdulo kuthiwa kwakuhlotshwa ngayo , abantu babesebenzisa izimpaphe zayo ukwakha iziNdlukula , okuyimiqhele eyakhiwe ngezinsiba zezinyoni, ezifana namaSakabuli , iziMpangele , iziNtshe kanye nezinye izinyoni. Kunezisho ezejwayelekile ezithinta yona le nyoni. Esokuqala sithi “IMpangele iyawusola umgqakazo”okuyinkulumo esetshenziswa kakhulu esimeni lapho kunento esolisayo , noma ngithi lapho umuntu kunento asuke eyisola ngesimo esithile. Uye athi “IMpangele iyawusola umgqakazo, noma athi iMpangele iyawusola ummbila” .. Esesibili sithi “IMpangele enhle ngekhala igijima” okusho ukuthi ngisho noma usekuhluphekeni kodwa hlupheka ube uzizamela nawe, musa ukwethembela kwabathile. Akujubane kule nyoni nina beSilo, ngaphambi kokuba indize , iqale ithwethwe igijime. Inyama yayo imnandi yedlula eyenkukhu

Yenzani -ke iMpangele nina beSilo?

Nina beSilo le nyoni njengoba kade ngisho ngenhla ngithi inejubane, izinyawo zayo azisali eNdukwini yokwelapha ingane enenkinga yokungakwazi ukuzihambela , noma ukuma yodwa. Ikakhulukazi uma kungenxa yobuthakathi. Amafutha eMpangele angena eMabuthweni athunywa ukuyolanda . Izimpaphe zeMpangele noma izinsiba zayo eNdulo kuthiwa zazingena emithini yokuxabanisa. Kuthiwa usiba lweMpangele alulokothwa lushiswe , kuthiwa uma ulushise emcimbini kuyoqubuka impi enkulu kulowo mcimbi kangangokuthi abantu bagcina bedubulene. Ngakho -ke nezinyanga zamakhosi aseNdulo zazithaka izinsiba zeMpangele emithini yokuxabanisa, okuyimithi eyayishiswa endaweni yenkosi ethile , ishiswa izinyanga zenkosi ethile.

Khumu!

Niphile nina beLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha ! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo