Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi , ngeyawo Dambuza ka Ntombela! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!!
Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, kuwo wonke amagumbi omhlaba kungumhla weshumi nantathu kuMbasa{Ephreli} onyakeni ka 2023 . Ngethemba bayaphila abeZulu eliphezulu, cha thina sisaphila eMantungweni. Nina beMbube lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngaBangqongqozi ngesiZulu. NgesiNgisi ubizwa ngeAraucaria heterophylla. INkunzimalanga yeSikhafulo lena okusetshenziswa ixolo lawo . Uqhathwa kakhulu nomngane wawo uMwelela , lezi ziNduku zingabahlobo abakhulu abangehlukani , abahlezi behamba ndawonye. Baye bathakwe nokho nezinye iziNduku. Njengoba negama lizisho nje , aBangqongqozi bayiSikhafulo esinzima esivula kuvaliwe.Bayangena eZikhafulweni zamaSoka. Bangena ngenkani enhliziyweni yentombi. ABangqongqozi bayangena eZikhafulweni zokubuyisa isithandwa , basidonsa sikude. Bayangena kwezokuyofuna umsebenzi, isango le Nkampani yeNkosana yoMlungu balivula ngenkani. ABangqongqozi bayangena eMabuthweni athunywa ukuyolanda. Bathakwa kakhulu noMwelela ,iSibhaha , iZwangomoya{INqe} kanye nezinye. ABangqongqozi bayangena nakwezokuphindisa, bathakwa kakhulu neMpindamshaye kanye nezinye iziNduku. ABangqongqozi bayangena naseZibungeni zeBhizinisi , kanye nakwezenhlanhla, bahle kahulu uma uthole ixolo elinenhlaka. Kanti naBakhunkuli nabo babuye bagange ngabo aBangqongqozi, bayabathaka emithini yokwakha uMantindane , kanye neZizwe .
Khumu!!
