Incazelo ngeNkondlwane  (Helichrysum odoratissimum)

INkondlwane

Incazelo ngeNkondlwane  (Helichrysum odoratissimum)

Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe.Imbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezekela,ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.ISilo sakithi eMgungundlovu leso,iSilo uDingane.

INkondlwane 

INkondlwane wuhlobo lweMpepho nina beSilo oluhle kakhulu kwezovula inhlanhla kanye nezokukhanyisa.IMpepho inezinhlobo ezimbadlwana,kukhona iMpepho yeZidalwa,iMpepho yamawele,iNkondlwane kanye nezinye iziMpepho.Umsebenzi omkhulu weMpepho wukuxhumanisa umuntu nezidalwa.Lolu hlobo oluvezwe kulesi sithombe lubizwa ngokuthi iNkondlwane.Luhle kakhulu ekuvuleni inhlanhla,ukuvula izinto uma zingasahambi kahle.Kuye kusetshenziswe sonke isihlahla.Siyangena kwezokugquma,kwezokuphalaza kanye nakwezokugeza.Inamandla iNkondlwane ivula izinto ngisho noma umuntu egqume ngayo noma egeze ngayo iyodwa vo.Yinhle nasekugezeni amabhadi uma uwumuntu ohlezi ebanjwa inkunzi,noma uwumuntu osheshe alahlwe ngabantu asuke ethandana nabo.Yinhle iNkondlwane kuzo zonke izinto ezithinta umnotho.Singabala ukufesa,ukukhushulelwa isikhundla emsebenzini,eZibungeni zokudonsa,kwiBhizinisi njalo njalo.Yinhle nakwezokuthandeka.Bayayisebenzisa oMame abagane esithenjini,bayisebenzisela ukuthandwa ngabayeni babo.INkondlwane nayo iyashunqiswa emsamo uma kuthethwa idlozi njengazo zonke iziMpepho.

Khumu! 

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo