Umlando ngoManembe ka Gagamela wakwaDumisa

UManembe wakwaDumisa

Umlando ngoManembe ka Gagamela wakwaDumisa

Nina beMbube eshoba liyisilikithi uGuqabadele-iNhlambamasoka uZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!Nanso-ke inyanga yeSilo uCetshwayo uManembe ka Gagamela wakwaDumisa onguKhokho kaTshatha Ngobe(uMsakazi)ngasohlangothini lukaMa.Lalaziwa ikhubalo kumfoka Gagamela hhayi indaba yokudlala.IziNduku zakhe phela ezenza uMntwana uCetshwayo adle umhlanganiso eNdondakusuka mhla zimbili kuZibandlela 1856.Impi yaseNdondakusuka ebuye yaziwe ngeMpi yaBantwana yayiphakathi kwaBantwana beSilo uMpande oCetshwayo noMbuyazwe.UManambe wabe eyinyanga yeSilo uCetshwayo elekelelana nendodana yakhe uPhambana.Bagcina bexabene neSilo uCetshwayo.Kuthiwa uManembe wayekubeke kwacaca eSilweni uCetshwayo ukuthi wayengafuni izingane zakhe zelwashwe ngomunye umuntu ngaphandle kwakhe.Manje-ke laphana kwaGqikazi kwakunezingane zikaManembe ezazisoDlokweni ziningana impela ngoba kuthiwa wayezele amadodana amaningi umfoka Gagamela.Ibutho uDloko labutha iSilo uMpande yilona elaliqaphe isigodlo sakwaGqikazi.Kuthiwa-ke kwagula enye yamadodana kaManembe eyayisoDlokweni,bayiphuzisa umuthi ngeshwa yagcina ishonile.Kuthiwa iSilo uCetshwayo sasingamazisanga uManembe ngokugula kwendodana yakhe,saze samtshela ngenkathi isishonile indodana.Kuthiwa waphatheka kabuhlungu uManembe waphimisa amagama ayethi “Kodwa uCetshwayo ungezani ngemela?Ngamsiza ukunqoba umfowabo eNdondakusuka nguyena lona osengibulela ingane”.UJininindi naye wathi uma ezwa ukuthi uManembe wayesho lawo mazwi wavele wakubona kukuhle ukuthi avele amsuse ngokushesha umfoka Gagamela angaze agadle kuqala.Zimbili-ke izinhlangothi mayelana nokufa kukaManembe.Uhlangothi lokuqala luthi ngenkathi iSilo uCetshwayo sikhiphe amabutho aso ayezobulala uManembe kuthiwa athi uma efika kuye waphenduka iBhubesi abaleka amabutho agcwala ihlathi.Kusukela lapho uManembe akaphindanga wabonwa futhi.Kanti uhlangothi lwesibili luthi amabutho eSilo uCetshwayo amubulala ngempela uManembe.Owalandela uManembe ekubeni inyanga yeSilo uCetshwayo nguKhondlo wakwaMazibuko naye owayeyinkunzi impela eyayingena nesikhuni sivutha esizibeni iphume naso sisavutha.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo